UMSAKAZI wesikhondlakhondla somsakazo, uKhozi FM, uPhindile Phewa owaziwa ngelikaPhindi P, usebonge abalandeli bakhe ngokuyamukela ngezandla ezimhlophe i-albhamu yakhe yokuqala.
I-albhamu yakhe, ebizwa ngokuthi yiWorship World ayikhiphe ekupheleni konyaka odlule, ingeyokuqala egcwele njengoba ngo-2018 wakhipha i-EP enezingoma ezine kuphela.
“Ngithola imiyalezo engikhuthazayo mihla namalanga abantu bencoma izingoma zami. Sengiyazazi nabazithanda kakhulu ikakhulukazi le ethi Yebo Bakithi nengawina ngayo ngo-2018,” kusho uPhindy P.
Uthe ukwesekwa akutholayo kuyamangalisa futhi ubonga akaphezi kumdidiyeli wakhe, uWonder Khwela, okunguyena abayipheka naye le albhamu.
Uveze ukuthi isizathu sokuthi angapiki muntu kule albhamu wukuthi usafuna ukukhula njengoba kuseyi-albhamu yakhe yokuqala.
“Kodwa-ke noma kungathiwa kukhona engangifuna ukumpika angikholwa ukuthi wayengaba khona umculi ongavuma ukupikwa yimina ekubeni kufana nokuthi kusewumsebenzi wami wokuqala lo,” kubeka lo mzwilili.
Uqhube wathi kungenzeka aqale apike abanye abaculi bowokholo uma eselungiselela i-albhamu yakhe elandelayo.
UPhindy P akagcini ngokuba wumculi nomsakazi kodwa ubuye abe ngumethuli wezinhlelo, umlingisi nomphathi wohlelo.
Elandisa ngohlelo lwakhe alushayela kuKhozi FM, ‘Ulibo Lokuqala’, nolungena njalo ngoLwesibili kuya Lwesihlanu ngo-4 kuya ku-5 ekuseni, uthe nakhona abalaleli bamtshengisa uthando oluyisimanga.
“Ngike ngithuke isimanga ukuthi kukhona abalaleli abangalenzi iphutha lokungibukela (live) ngise-studio ekubeni uhlelo lwami lungena ekuseni kakhulu. Lokho kungenza ngizimisele kakhulu kunakuqala ngenxa yothando engilitholayo,” usho kanje.
Uthe okwamanje i-albhamu yakhe isatholakala ezinkundleni ezidayisa umculo nge-internet kodwa ngokuhamba kwesikhathi izotholakala nasezitolo zomculo.
Akafunanga ukwanda kakhulu ngempilo yakhe yangasese njengoba uma ebuzwa ngokuthi singawulindela yini umshado kuyena maduze, evele wahleka wathi: “Lutho okwamanje anginamuntu engithandana naye”.