ISIHLABANI se-Afro house, uWinnie Khumalo, nendodakazi yakhe sebephumele obala bacacisa ngombango wengoma phakathi kukaDJ Prince Kaybee nophrojusa osafufusa, uDJ TruMpet. Ingoma esisuse umsindo eyenziwe ngokuhlanganyelwa wuPrince Kaybee noRethabile esihloko sithi Isivunguvungu. UTruMpet ubhale kuTwitter, wathi leli culo lintshontshwe kuye ngoba uyena owalididiyela kuqala noRethabile. Echaza uWinnie, wodumo lwengoma eyayithi Let Me Live My Life neyayithi Hey Laatie, uthe uPrince Kaybee akahlangene nalezi zinsolo zokwebiwa kwengoma.
"Ngithanda ukuchaza ukuthi iWinnie K Productions (esho inkampani yakhe) isebenza kanjani. IWinnie K isebenza nabadidiyeli abahlukahlukene futhi uhlelo esilusebenzisayo i50/50 engomeni. Wena uqhamuka nezinsimbi, thina siqhamuke namazwi nezinhlamvu zengoma. Uma singavumelani, siyahlukana. Unelungelo lokusebenzisa izinsimbi zakho noma yikanjani, nathi sinelungelo lokusebenzisa amaphimbo nezinhlamvu zethu ngendlela yethu. Lokho okwenzekile izolo, umuntu nje ontula ulwazi. Sinikeze uPrince Kaybee izibusiso zokusebenzisa ingoma yethu. Umsebenzi wethu. Ayikho enye into yomunye uphrojusa ekulengoma ekaRetha noPrince Kaybee. Ngakho siyaxolisa kubalandeli bakaPrince Kaybee, kuPrince Kaybee/Universal nakubalandeli bakaRethabile. Nakunoma wubani othintekile ngale nto," kuchaza uWinnie.