Uthe akakaze ahlangane naleli qembu kodwa kumjabulisile ukuzwa licula ngaye engomeni kaMiss Pru kodwa eculwa yibona, ethi Price to Pay.
“Lokho kungenze ngazizwa ngihloniphekile futhi ngiyaleseka kakhulu ngomsebenzi walo. Okuphinde kungijabulise ukuthi ingoma yalo lapho becula ngami, izwakala njalo nasemisakazweni ehlukene.
“Lokhu kusho ukuthi kuneqhaza enginalo emphakathini ngoba bakhona abanye abacula ngami. Ngiyaleseka iqembu emsebenzini walo omuhle futhi ngiyafisa ukulibona ngelinye ilanga ngoba angilazi,” kusho uPhuzekhemisi.
Uthe injabulo yakhe ngesenzo seBlaq Diamond, ifike ngesikhathi esikahle kuyena ngoba usathokozele ukuphuma kwe-albhamu yakhe entsha, ngesonto eledlule. Isihloko se-albhamu kaPhuzekhemisi sithi: Ziyangiluma Izinja.
Uthe akasebenzisani namuntu kuyona, ucula yedwa. Kwenzeka lokhu nje uPhuzekhemisi, usanda kubuyela enkampanini yakhe yakudala iGallo Records, aphuma kuyona ngesikhathi ivalwa eminyakeni edlule.
Ithe uma isibuya walinda ukuthi kuphele inkontileka abenayo nenkampani abekuyona, wase ephindela eGallo Records.
Le albhamu entsha ngeyokuqala selokhu ebuyele eGallo Records.UPhuzekhemisi uneminyaka engu-25 eshaya ingoma futhi useke wavakashela amazwe ehlukene phesheya kwezilwandle, enandisa.
Ukuhambela kwakhe amazwe kuhlanganisa nokunandisa ngesikhathi kuvalwa iFifa World Cup eKorea ngo-2002.
Imizamo yokuthola iBlaq Diamond ukuzwa uvo lwayo ngalezi zindaba ayiphumelelanga. Elinye ilungu leqembu uSphelele Dunywa, likhale ngokuba matasa lacela ukuba libuye lithintwe, kodwa langatholakala. Nomyalezo elithunyelelwe wona aliwuphendulanga.