ISITEBELE iKalawa Jazmee sesiveze ukuthi sifuna ukuqhubeka sithuthukise amakhono entsha esingene emculweni kuleli.
Lesi sitebele sisho lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi senze okungajwayelekile, njengoba sisayinise iTop 5, eyabonakala kusizini yesi-16 yangonyaka odlule, ohlelweni ama-Idols SA.
Lesi sitebele nabama-Idols ngonyaka odlule, basayine isivumelwano sokuthi ozowina kulolu hlelo eminyakeni ezayo usezoqopha neKalawa.
Lesi kube ngesinye sesivumelwano esishayelwe ihlombe kuleli, abantu besho ngazwi linye ukuthi ozowina uzokhipha izingoma eziwulozolo ngaphansi kwalesi sitebele.
Esitatimendeni esitholwe Isolezwe ngalezi zindaba omunye wabanikazi balesi sitebele uMandla Spikiri, uthe babone kungcono ukuthatha isinqumo sokusiza yonke intsha ebikuTop 5.
“Akekho ongazi ukuthi umkhuba wethu omdala ukuthuthukisa intsha esakhula emculweni. Bakhona abaculi abadala abadumile manje kuleli abafika kulesi sitebele bebancane, sababeka la bekhona manje. UMr Music, uBrandon noZama, izingoma zabo eziphume ngoDisemba, zenze kahle kakhulu okuyimanje silinde ukuthi bashuthe ama-video alezi zingoma ezingene kuTop 10 yezenza kahle kuleli,“ kusho uMandla.
Uthe okwamanje uZanothando noNdoni bazoqopha izingoma ezintsha zabo ngaphansi kwalesi sitebele bese umsebenzi uyaqhubeka wokuthi bazihambise kubantu.
U-Oskido uthe bebengeke bakwazi ukuyidedela le ntsha ekubeni inethalente elimangalisayo yingakho bekhethe ukusebenza nayo.
“Uma ubuka indima yomculo esikuyona zishayana ngomshefezo, ngakho ke nathi ukuthuthukisa ithalente entsheni sikubona kubaluleke kakhulu yingakho sifuna ukusebenza nalaba,“ kuchaza u-Oskido.
Uthe bayabonga nakubantu bakuleli ngokuqhubeka bexhasa abaculi babo, futhi bayabathembisa ukuthi bazoqhubeka nokubakhiqizela umculo ozobathokozisa.
Uphethe ngokuthi bakubheke ngabomvu ukusebenza noMzansi Magic kwisizini yesi-17 yama-Idols SA.