AKAYINGENI eyabagxeka ukunqoba kwakhe kumaSouth African Music Award (Sama) umculi wegqom, uZinaro.
UNduduzo "Zinaro" Ngema (32), owazalelwa eMelmoth kodwa wakhulela oPhongolo, umangaze abaningi ethatha indondo yeBest Gqom Album nge-albhamu yakhe esihloko sithi Inzalo Ye-kwaito.
Uhlule uQue, Mshayi & Mr Thela, DragerNation noBabes Wodumo.
Kube nokuvungama ezinkundleni zokuxhumana abanye bebuzana ukuthi ungubani.
"Ihlaya phela leli, iMake Cape Town Great Again (i-albhamu kaMshayi & Mr Thela) bekumele iwine," kubhala uSinera221 kuTwitter.
U-Wendy Dlalisa uthe: "Ubani lo Zinaro esingakaze sizwe ngaye phambilini, nidlala ngathi nina."
UZinaro uthe abantu abamxege ngoba akaziwinisanga.
"Angizikhethelanga ukuwina. Ngafaka nami umngenelo njengabo bonke abantu ngoba ngizwa ukuthi i-albhamu yami isezingeni. Ngangingenawo ngisho amandla okuziqoka. Bengilindele ukubona nje njengawo wonke umuntu," kusho uZinaro.
Eminxeni engavotelwa wumphakathi kumaSama kujaja abantu abangazani, abasebenza ngomculo. Balalela imingenelo bese bethumela amavoti ngokwahlukana esikhathini esingangenyanga abanikezwa sona.
Uthe ngokwakhe ukuqokwa kukodwa bekumjabulisa.
"Ngiyaqonda ukuthi ukukhuluma kuhlale kukhona uma uqokwe nabantu abakhulu, kubhekwa bona ukuthi bawine. Kuyabathusa abantu uma sekwenzeka abangakulindele. Ngeke kungisize ngalutho ukunaka izinto eziseceleni, mina ngijabulela ukuwina kwami. Abantu abame ngoba angiziwinisanga."
Uthe uma ifika indondo, uhlela ukuya nayo kubo ayoyikhombisa umndeni wakhe nezihlobo.
UZinaro useneminyaka eyibambile emculweni njengoba aqala ngo-2003. Wake wacula eqenjini, iZinaro noMthera, elalijwayele ukuba semcimbini woKhozi FM, iNyus'iVolume.
"Ngiyajabula ukuthi ngingenile emabhukwini omlando kodwa lokhu kungifakela ingcindezi yokuthi ngenze umculo ongaphezulu. Abantu bafuna ukubona ukuthi ngizoza nani ngemuva kwale albhamu yami yokuqala ngizimele, engiwine ngayo iSama."