UMA uMengameli Cyril Ramaphosa engasihlangabezi ngokwenza izimo zokusebenza zibe ngcono kumaciko, ngiyakusaba okungase kwenzeke.
Uzwakalise ukuba novalo ngalesi simo uJoy Mbewana, ongumengameli weCultural & Creative Industries Federation of South Africa. Uthe babheke ukuthi umthetho othinta ukusebenza kwabo uxegiswe uma uRamaphosa esekhuluma nesizwe kuleli sonto.
Njengamanje umthetho uthi imicimbi eyenziwa ezindaweni ezivulekile kumele yethanyelwe ngabantu abangaphansi kuka-500, kuthi ezindaweni ezivalekile bangadluli ku-250.
“Uma engasivumela ukwenza imicimbi uzobe uqedile. Nakhona kumele asinikeze uchatha omncanyana nje ngoba sishayekile emkhakheni wethu. Noma ivulwa imicimbi kodwa iminyango kahulumeni ithi ayinamali yokusixhasa ngoba yonke iye ezinhlelweni zokulwa neCovid-19. Kumele kube khona imali ezokwelekelela ukuze wonke umuntu ezosebenza,” kusho uJoy.
Uthe yize kuvuliwe ukuthi kube khona idlanzana emicimbini kodwa kabasizakali ngoba isibalo sincane kakhulu.
“Akekho umuntu ongenza umcimbi wabantu abawu-500 ezobakhokhisa uR100. Akavumele noma ukuthi kufakwe u-70% wesibalo esimumathwa yindawo. Nale nto yokwenza imicimbi ngobuchwepheshe ayisebenzi idla i-data, akekho umuntu ongagqolozela iselula ihora lonke ebuka umcimbi.”
Uthe bayayibona imibiko ekhombisa ukunyuka kwezibalo zabantu abahaqwa yigciwane kodwa abagudluki ekutheni kuthanjiswe imithetho.
“Kukhombisa khona ukuthi akuthina ngoba ngaphandle kwemicimbi zinyukile izibalo. Abantu yibo abangakwazi ukuzinakekela. Akuvulwe senze imikhankaso yokubaqwashisa okungenani emcimbini kube khona abazoqapha ukuthi yonke imithetho iyalandelwa. Sikhombisile sivala uN3 ukuthi aseneme. Sifike esimeni lapho sithi khona kusizaphi ukubalekela iCorona kunokudlala indlala. Uma engasho lutho kuyobe kusho ukuthi akukho ukubambisana nohulumeni wethu.”
URamaphosa kulindeleke ukuthi akhulume ngokuzokwenzeka njengoba izwe lisasesigabeni sokuqala somvalelandlini.