INdlovu Youth Choir, ikhiphe i-albhamu entsha ngoLwesihlanu ethi Grateful, kanti kungathi ishaya ngelinye igiye kulokhu ngoba ihlanganise abaculi bezinhlobo ezihlukene kwezinye zezingoma.
Le khwaya ebunjwe ngabaculi abangu-36 inama-albhamu amabili andulela iGrateful. Sekukaningi beshiyelana inkundla nabaculi abahlonishwayo bakuleli nabakwamanye amazwe omhlaba.
Umbhidisi uMadoda Moshoane, uthe le albhamu iyindlela yabo yokubonga konke ukwesekwa abakutholile selokhu baqala.
“Sizizwa sisenhlanhleni enkulu uma sibheka ukuthi baningi kangakanani abantu abasha bakuleli, abalinde ithuba labo lokuzibonakalaisa ngamathalente abanawo. Siyalijabulela ithuba lokuthi sibe ngabanye abasenhlanhleni yokumela izwe lethu eziteji zomhlaba,” kusho uMoshoane.
Uthe iGrateful iyindlela yabo yokubonga inhlanhla abanayo yokuzibonakalisa emcimbini emikhulu emazweni ahlukene.
“Kusenza sizizwe sibalulekile ukumela bonke abantu abasha emhlabeni kanti sethemba ukuthi le albhamu izogqugquzela abantu abasha ukuthi babe yilokhu abafisa ukuba yikona. (Sikholwa wukuthi) kuzokhumbuza izwe ukuthi linike abantu abasha amathuba,” usho kanje.
Le albhamu igabe ngezingoma ezingu-14, ezinhlanu zazo ngezesigubhu samapiano nehip-hop.
Phakathi kwabaculi abahlanganise izingoma nekhwaya kubalwa umrepha wakuleli u25K abampike engomeni ethi Grateful, kanti noDJ wakuleli uSun- EL Musician ofake isandla engomeni ethi Afrika Hey.
NgoLwesibilli olwedlule bebeshutha ividiyo yale ngoma eBraamfontein.