KUVUNGAME izinkundla zokuxhumana kubonakala i-video yowesilisa waseMpumalanga enza ezibukwayo kwiBritain’s Got Talent.
Ngokwe-International Opera Masterclasses and Singing Competition: South Africa, uNkululeko Innocent Masuku odabuka eSecunda, eMpumalanga ucula i-tenor, usanda kwethweswa iziqu uGuildhall School of Music and Drama.
Le nsizwa ichazwe njengezimiselayo ngoba yonke imincintiswano eyingenelayo iyayinqoba, nokuyinto eyenze kube lula ukuthi ifudukele eLondon lapho ibonakala ikhula njalo.
NgoMsombuluko uMasuku uvele koweBGT wachaza amajaji ebonakala ezihlekela ethokozile. Ushiye amajaji engawuvali umlomo ngezwi lakhe elimtoti ngesikhathi ecula kulo mncintiswano osukhande osaziwayo abaningi nabadume umhlaba wonke.
UNgqongqoshe wezobuCiko, Amasiko nezemiDlalo uMnuz Zizi Kodwa unikele enkundleni u-X edlulisa umyalezo wokuncoma leli bhungu elicula umculo we-opera
“Amaciko aseNingizimu Afrika ayaqhubeka nokundizisa phezulu ifulegi lakuleli emhlabeni wonke. Ngihalalisela u-Innocent Masuku ngendlela acule ngayo koweBritain’s Got Talent. Okuhle kodwa njengoba uqhubeka nalo mncintiswano,” kubhala uKodwa.
Yize enze kahle uMasuku futhi ethole ithikithi elimbuyisayo kulolu hlelo, abaningi bakhale ngokuthi bekumele athole ithikithi elaziwa nge-Golden Ticket elimufaka kowamanqamu alo mncintiswano.
Neqembu leMK nalo likhiphe umyalezo wokuhalalisela le nsizwa nokuyifisela okuhle kulo mncintiswano.
Noxolo Nkala: “Nglokhu ngiybukile le-audition ngithi ngzobona la sebemsakaza nge golden buzz lutho” 😒 🎊🎊🎊🎊🎊🎊🎊
Mandisa Mazibuko: “Ngaze ngaphoxeka ngendlela enze kahle ngakhona hhay mani kungani bengamnikanga iGolden Buzzer.”
Sabelo Maziba: “Ushayile imnandi impela noma ngingezwa uthini uyazethemba futhi.”