UMCULI kamaskandi waseShowe uGadla Nxumalo unxuse abahleli bemicimbi emikhulu ukuthi bangabheki kuphela abaculi abanabalandeli abaningi uma beqasha abantu abazonandisa emicimbini yabo ngoba nabo banabo abalandeli futhi bayathandwa ngabantu.
UGadla usho lokhu ngeSonto enandisa ehostela eDalton ngesikhathi kunomcimbi wokunxenxa abantu ukuthi bathenge amathikithi omcimbi kamaskandi, iTheku Maskandi Festival ozoba senkundleni yemidlalo iTehuis eMlaza ngoSepthemba 28.
UGadla uthe kunento eyenziwa ngabaxhasi bemicimbi emikhulu engabahleli kahle yokuthi uma kunemicimbi kuthiwe bona bayampintshiswa bese kuthiwa ayisekho nemali yokubakhokhela.
“Nathi sinabalandeli futhi bayawuthanda umculo wethu, asisho ukuthi abangaqashwa abaculi abadumile kodwa nathi asiqashwe ngendlela efanayo njengabo.”
Uthe ngoNovemba uzokhipha i-albhamu entsha ezobe inesihloko esithi, Idixa Lomlomo.
Uthe ngale albhamu ukhuthaza abaholi ukuthi babe nolimi oluqondile, kungabi yibo abaxabanisa abantu ngezinto abazishoyo. Omunye wabahleli bomcimbi ongumsakazi weNtokozo FM uLindo Khumalo, uthe lo mcimbi uzobe ubophele kakhulu amaciko azinze eThekwini okubalwa kuwo uGadla, iThwasa leKhansela, uMalahle namanye.
Amathikithi abiza uR50 kanti awezicukuthwane abize uR200 kanti atholakala ePick * Pay naseWeb Ticket.