UZOHLONISHWA ngeziqu zobudokotela umculi kamaskandi uBuselaphi Gxowa, ngamagalelo akhe okuthuthukisa umphakathi, emcimbini ozoba se-University of Zululand, Ongoye ngoJuni 21.
UBuselaphi uzobe ehlonishwa yisikhungo i-United In Christ Bible Institute.
Umcimbi wokumhlonipha ozoba seBhekuzulu Hall, oNgoye, uhlelwe yiDlaba Production kaSandile Shezi ongumhleli wemiklomelo yezindondo, amaLife Changers Awards aba minyaka yonke KwaDukuza.
USandile uthe bakhethe uBuselaphi ngenxa yamagalelo akhe emculweni nokuthi ungomunye wabaculi abenza izinto ezinhle kumaskandi.
“Abaculi bakamaskandi badume ngokungcofana kodwa uBuselaphi asikaze sizwe kuthiwa wenze lokho.
“Yize engumculi kodwa uyazihlonipha njengomama futhi maningi amaciko asafufusa awacobelela ngolwazi lomculo ukuwathuthukisa kuwona.
“Ngenxa yokuthi iDlaba Production ayinawo amandla okuthwesa umuntu iziqu, sicele i-United in Christ Bible Institute ukuthi isenzele lo msebenzi,” kusho uSandile.
UBuselaphi kuqale kwamethusa ukuthi uzohlonishwa ngezobudokotela kodwa bamchazela abeDlaba Production ukuthi kungani bekhethe ukumhlonipha ngale ndlela.
“Nginemisebenzi eminingi engiyenzayo kodwa ebengisuke ngingabheke nzuzo ngayo.
“Kuyona ngingabala ukugqugquzela intsha ngokuziphatha kahle.
“Kumanje nginezitifiketi ezingu-22 engizithole ngokugqugquzela intsha eWits University.
“Bengifundisa ngamahubo akwaZulu, eKing Zwelithini Primary. Ngisho neSilo Samabandla sike sakuveza ukuthi siyawujabulela umsebenzi engiwenzayo.
“Lezi yizinto abangibalele zonke kwiDlaba Production, bathi yingakho bebone kufanele ngihlonishwe ngezobudokotela,” kusho uBuselaphi.
USandile uthe umcimbi wokuhlonipha uBuselaphi uzoqala ngo-9 ekuseni ngoJuni 21 kuze kushone ilanga.
Uthe kuzobe kungumcimbi oqondene naye kuphela futhi kunabaculi abazobe benandisa ngalolu suku kodwa abazobadalula ngokuhamba
kwesikhathi.