INKAKHA kaphrojusa wemidlalo yethelevishini futhi engumlingisi, uMandla N, ithi izoshiya abantu nemibuzo ngokusebenza kwabezindaba ngefilimu yayo entsha, iBloody Ink, eza ngonyaka ozayo.
Uthe kuzoba ngokokuqala inkampani yakhe, iBlack Brain Pictures Production ishutha ifilimu yaseMzansi enkulu ngalolu hlobo.
“Bekuhlala kuyisifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngibe nefilimu enkulu. Njengomuntu osenesikhathi esembonini kaqedisizungu, bengingafuni ukuqopha ifilimu ezojabulisa abantu kuphela kodwa bengifuna nokubashiya benemibuzo eminingi ngemuva kokuyibuka.
Igxile ekusebenzeni kwabezindaba nomthelela wokusebenza kwabo ngezindaba abaziveza emphakathini,” kusho uMandla N.
Uthe kuzoqalwa ngenhlolokhono yokuthungatha abalingisi, ezoba ngoJanuwari kuya kuFebhuwari ngonyaka ozayo.
Ngasekupheleni kukaFebhuwari uthe izoqala ukushuthwa eGoli, eMpumalanga naKwaZulu-Natal. Uthe izoqala ukukhonjiswa ema-cinema ngoJulayi wonyaka ozayo.
Uqhube wathi noma engeke abadalule bonke abalingisi bayo kodwa ukuqinisekisile ukuthi uZola Nombona ungomunye wabo.
Uthe baningi abalingisi abazobe beqala. UMandla N unguphrojusa weLockdown eveza impilo yasejele labesifazane.
IBlack Brain izoba matasa kakhulu ngonyaka ozayo njengoba kubuya neLockdown ezoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic ngo-Ephreli.