UTHEMBA ukuthi uzosiza intsha efuna ukukhula ekusakazeni, uLucky Sefatsa okujabulise abaningi ezinkundleni zokuxhumana ukuzwa izwi lakhe emsakazweni womphakathi iVibe FM, ngoMgqibelo.
Le nsizwa eyazakhela ugazi isakaza emsakazweni Ukhozi FM, iqale kwiVibe ngoMgqibelo njengoba yenza uhlelo iDa Vibe Thang, olungena ngo-10.30 ekuseni luphele ngo-2 ntambama.
Ekhuluma neSolezwe uLucky uthe, umsakazo yikhaya lakhe lesibili futhi ujabule ngokubuyela emoyeni.
“Umphathisiteshi ngesikhathi sikhuluma naye ngokubuya ekusakazeni, injongo yakhe uthe wukuthi ngisize futhi ngibalekelele ekukhuliseni isiteshi nokusiza ozakwethu abakhona esiteshini ngezinto ezithinta ukusakaza.
Nami angicabanganga kaningi, ngivele ngalemukela ngezandla ezimhlopkhe leli thuba,” kusho uLucky.
Uthe uhlelo lwakhe aluhlukile kakhulu kunalolu abantu ababemazi elwenza, iBahle Bagezile kuKhozi.
“Uhlelo oluhambisana nosuku lwangoMgqibelo lapho kusuke kunemicimbi abanye abantu bezihlalele emakhaya bephumule, abanye bezikhiphile beyothenga izinto ezahlukene.
Uhlelo luzobe lukhuluma ngalezo zinto futhi sikhulume nabantu ngezinto ezahlukene. Luqukethe nomculo ohlukene kusuka kowakudala wabaculi abafana no-Aaliyah kuze kufike kowamanje abafana noCassper Nyovest noTipcee,” kuchaza uLucky.
Uthe uma kukhona abantu abacabanga ukuthi uyoyeka umsakazo yinto engeke yenzeke leyo njengoba kuyinto ayithandayo.
Umphathi weVibe, uLucky Dlamini uthe bajabule ngokusebenzisana noLucky.
“Asingabazi ukuthi uzowukhulisa umsakazo, okuyinto eyisifiso sethu. Ungumuntu onamagalelo amakhulu ekusakazeni ngakho siyazi ngeke sizisole,” kuchaza uDlamini.