UTHEMBISE ukunikela ngengxenye yemali ayithole ngohlelo oluveza impilo yakhe umculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose.
UTHEMBISE ukunikela ngengxenye yemali ayithole ngohlelo oluveza impilo yakhe umculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose.
NgeSonto eledlule, lo mculi uveze ukuthi ukweletwa imali wuLegend Manqele owayeqopha uhlelo iKhuzani Bo! nolwakhonjiswa kwiSABC 1.
Izolo, ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi imali uyitholile. NoLegend ubhale kwiTwitter eqinisekisa ukuthi umkhokhele lo mculi.
UKhuzani waveza ukuthi imali ababevumelene ngayo wuR600 000 ngokwenza uhlelo.
“Ngithi anginibikele, njengoba nganginibikele nasekuqaleni, uMnuz Mangele weBarleader usewukhokhile uR250 000 abengikweleta wona kusuka ngonyaka odlule. Le mali ikhokhwe ekuseni namhlanje. Ukuba bekungengani ngabe angikhokhelwanga. Ngithi isandla sedlula ikhanda ngamandla enu eniwakhombise kimi. Lokhu enikwenzile nikwenze nakwabanye,” kubhala uKhuzani.
Uveze ukuthi uzonikela ngenxenye esikhwameni esisiza abakhahlanyezwe yizikhukhula KwaZulu-Natal.
“Baningi abantu abathula nezinto baze befikelwe imicabango ebuhlungu ngoba besaba ukukhuluma. IsiZulu sithi ingane engakhali ifela embelekweni. Wonke umuntu uma ehlaselwa ekhaya uyaye amemeze ukuze kuzozwa nomakhelwane bese ethola usizo.”
Ekhuluma naleli phephandaba uthe abantu babonile ukuthi uma kwenzeka into abangahambisani nayo kumele bakhulume bengafihli.
“Isizathu esenze ukuthi uLegend akhokhe yingcindezi yezinkundla zokuxhumana. Abalandeli badlala indima enkulu kumculi. Mina bengingalwi naye kodwa bekuwukuthi ngifuna ukukhokhelwa kuphela singalwi. Angixabene nabo,” kusho uKhuzani.