NGEMUVA kwezinyanga eziyisithupha umrepha waseThekwini uSkye Wanda enyamalele, usekhuza ibuya emculweni.
USkye Wanda uthe ubesakhulisa indodakazi yakhe enezinyanga ezingu-9, uLethukuthula.
“Sengibuyile njengamanje. Abantu bazongibona ngiqhulula izingoma ezindala nezintsha emcimbini waminyaka yonke iSkye Wanda Experience, eCool Runnings, eThekwini, ngoJanuwari 28 kusukela ngo-2 ntambama.
Kusukela ngo-2016 ngiqala lo mcimbi bengilokhu ngiveza ikhono elisha labaculi abangakaze babonakala esteji,” kusho uSkye Wanda, owazakhela udumo ngokuphuma kwiTop 16 kuma-Idols.
Kuyacaca ukuthi kulo mndeni ukhamba lufuze imbiza njengoba uSkye Wanda ehamba ezinyathelweni zikanina uPastor Nana Mhlongo owayefunda izindaba esiteshini sethelevishini.
“Kulo mcimbi ngizoveza ikhono likamagcino wakithi uXolani (18) oculela iqembu iSMG. Ngakho abantu bazobona ukuthi ngiqhamuka emndenini womculo.”
Abanye abaculi abazoboshelwa kulo mcimbi kubalwa uMthunzi, uNtando, Bathandwa, Ayanda Makukule, Ayzee kanti uhlelo luzobe luphethwe nguZamo The Icon.
“Lo mcimbi ngiwenza ngenhloso yokugubha usuku lwami lokuzalwa njengoba ngizalwa ngoJanuwari 12.”
USkye Wanda uthe ezingomeni azozicula kukhona entsha ayenze noBeat ethi Take A Minute, ayenze noDJ Sekza ethi Uzongilobola Nini, nayiqophe noTribal ethi Senzeni Part 2. Nezindala ngizozenza ukuze abantu bakhumbule ukuthi ngisukaphi nomculo.”
Ngaphandle komculo, uSkye Wanda uthi usengene nasemkhakheni wokuthunga ingqephu njengoba esenza izingubo zamantombazane anonyaka kuya eminyakeni engu-12.
“Leli bhizinisi esilibiza ngeNtozakhe ngilenza nodadewethu uNolwazi (35) nomama. Besinesitolo kodwa manje sesisebenzela ekhaya e-Effingham. Okwamanje sisagqokisa izingane zamantombazane kuphela kodwa ngokuhamba kwesikhathi sizozenza nezezingane zabafana.”