UMLINGISI omusha, uCindy Mahlangu odlala kwiThe Herd yakuMzansi Magic, uthe ukungazethembi kwacishe kwamlahlekisela ngethuba lokuba kulo mdlalo.
UCindy (22) ulingisa indawo kaDumazile kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8 ebusuku ngeSonto. IThe Herd wumdlalo wakhe wokuqala alingisa kuwo.
Utshele leli phephandaba ukuthi ngaphambi kokuthola indawo kwiThe Herd uke wazama inhlanhla kwiThe River ku-1Magic kodwa izinto zangahamba kahle.
“Ngathi kulungile mhlawumbe ukulingisa akusiyona into yami. Ngathola ucingo lokuthi ngizohlolwa kwiThe Herd. Ngangimanqika ngoba ngingafuni ukuchithwa njengoba kwenzeka kwiThe River. Ngangibona sengathi yimi ngedwa ongenaso isipiliyoni kwinhlolokhono ngingazethembi kodwa ngomusa kaNkulunkulu ngaphumelela,” kusho uCindy.,
Le ntokazi edabuka eStanderton, eMpumalanga, ithe ayikufundelanga ukulingisa.
“Ngifike eGoli ngiyofunda into engahlangene nokulingisa ngoba ngangenza i-accounting. Ngicela ukungachazi ukuthi kwenzekani ngezifundo zami. Ukulingisa kodwa yinto engayithanda kusukela ngikhula.”
Uveze ukuthi ufuna ukugxila ekulingiseni angaphazanyiswa yilutho ukuze akhule kulo mkhakha.
“Akukho okunye engikwenzayo ngaphandle kokulingisa. Ngifuna ukugxila kukho ukuze ngikhule. Ngifuna ukulingisa kweminye imidlalo ngoba ufunda ngokudlala abalingiswa abehlukene,” kusho yena.
Uthe indawo ayidlalayo ngeyentombazane ezifela ngothando futhi engenza noma yini ukuvikela abantu ebathandayo.
“Uyathanda ukuthi wonke umuntu azizwe ekhululekile. Akanqeni ukuthi atshele uyise uma engahambisani nento ethize. Ubakhathalele futhi abantu besifazane. Nami ngibakhathalele abantu besifazane futhi ngithanda uthando kodwa hhayi njengoDumazile.”
UCindy, ozifela ngokuzivocavoca, uthe akanaye umuntu athandana naye ngoba usagxile emsebenzini wokulingisa.
Uphethe ngokuthi inyanga yabesifazane kuye igqamise ukuthi abantu besifazane basacindezeleke kanjani.
“Udaba lomfundi ozibulele, uKhensani, lukhombise ukuthi siyahlukumezeka. Esikhundleni sokuthi sijabule sizwa ubuhlungu. Silwa nokudlwengulwa nokuhlukunyezwa. Yinyanga yokulwa le hhayi yokujabula.”