UMREPHA u-K. O uthi ufuna ukuba yisibonelo kubaculi abasafufusa sokuthi bahlelele ikusasa ukuze bangashoni beswele.
Uthe baningi abangena emculweni bengenazo izinhloso ezinhle kodwa befuna udumo.
“Ungangeni ucabangela imanje. Baningi abafikile kodwa kwaphinde kwaphela ngabo. Uma uNkulunkulu ekunike ithuba lokwenza imali nephimbo kumele ulisebenzise ngobuhlakani. Kumele sihlelele ikusasa, singafani nabaculi esifunda ngabo emaphepheni kuthi badlule emhlabeni bengasenalutho,” kusho uK.O.
Uthe yena uyalihlelela ikusasa. Enye indlela yokulihlelela wukuthi abe nelebuli yezimpahla zokugqoka iSkhanda World. NgoLwesihlanu oluzayo kuzoqala kudayise izimpahla zasebusika esitolo iStudio88.
Uthe ukhona nasenkampanini ekhiqiza amafilimu, amavideo omculo nezikhangiso. “Njengoba kwaziwa ukuthi ngasungula inkampani yokuqopha umculo iCashtime Life engabuye ngaphuma kuyo, kulo nyaka ngisungule esinye isitebele. Ngifuna ukusiza abanye abaculi ukuze nabo baphumelele. Nayo ibizwa ngeSkhanda World njengelebuli yezi mpahla.”
U-K.O, oneminyaka engu-13 eyibambile, ushisa izikhotha kulezi zinsuku ngengoma ethi Supa Dupa.
“Lokhu okwenzekayo kungenza ngizithobe. Ngemuva kweminyaka emingaka uNkulunkulu unginikeze ikhono lokuthinta abancane nabadala ngomculo wami.”
Uthe ingoma yendlalela i-albhamu azoyikhipha ngasekupheleni konyaka.
“I-albhamu izonginikeza ithuba lokukhombisa ububanzi bekhono lami. Ngesikhathi ngisakwiTeargas sasicula kancane siphinde sirephe. KwiCashtime besishaya kakhulu isigqi sekwaito. KwiSupa Dupa ngiyacula kancane. Kule albhamu ngizoziveza zombili izinhlangothi zami zokucula nokurepha. Zikhona nezitayela ezintsha engizozenza njengoba ngonyaka odlule ngenzile ngengoma yegqom’ kaDJ Maphorisa ethi iWalk yePhara. Abantu bayithandile. Kwesinye isikhathi siyazenyeza sibe novalo lokwenza ezinye izinto sithi abalandeli bazosibuka ngelinye iso. KwiTeargas sasenza singasabi. Lokhu kuzethemba kubuyile manje.”