UTHOBILE Mseleku ozalwa kwaKhumalo, useveze uthi ufuna abalandeli bakhe bamazi kangcono, engayedwana njengoba emenyezelwe njengomunye wabesifazane abazobonakala ohlelweni, iThe Real Housewives of Durban.
UThobile ungomu,nye wabesifazane abashadile nabaphila impilo ephezulu abazobonakala kulolu hlelo oluzoqala kwiShowmax ngoJanuwari 28.
Njalo ngoLwesihlanu, uma seluqalile kuzofakwa isiqephu esisha.
“Abantu abaningi bangazela ohlelweni lomndeni wethu oluthi Uthando Nes'thembu, abakaze balithole ithuba lokungazi futhi bangiqonde ukuthi uThobile uwubani, ngingedwa nje. Konke lapho ngihamba khona abantu bakhuluma nami bafake nomndeni engishadele kuwona, nokuyinto engeyimbi noma engingenankinga ngayo kodwa nginempilo nami ngaphandle kwawo wonke umndeni wethu,” kuchaza yena.
Uthe okunye okumenze waba yingxenye yalolu hlelo ukuthi ubefuna abesifazane azosondelana nabo.
“Ngidinga abantu ebengizohlala nabo, abantu akade bezoba yisikhuthazo kimina futhi abazokwenza izinto ezizongikhuthaza. Abesifazane engizohlangana nabo ohlelweni ngibabonile bezenzela izinto zabo nokuyinto engikhuthazile kakhulu, ngababona njengabantu abaziyo ukuthi bafunani empilweni,” kuchaza yena.
Abanye besifazane abasha abazobonakala ohlelweni kubalwa uLondi London ozakhele igama njengomkhangisi waphinde wangena emculweni.
ULondi uveze ukuthi okumenze waba yingxenye yalolu hlelo ukuthi ungene emshadweni, wathola umntwana kwase kuba ukuhlala kwakhe angenzi lutho.
“Ngibone kungcono ukuthi abantu babone ukuthi ngikuthathe kanjani ukuba ngumama nonkosikazi. Abantu bangazi njengomculi omuhle, omi kahle kodwa ngizizwa sengathi ababazi ubumina nokuthi nginjani uma ngingekho emkhakheni wezobumnandi,” kuchaza yena.
Omunye wesifazane ozobonakala ohlelweni uJojo Robinson ongowesifazane othanda ukuzidweba emzimbeni, noshade nosomabhizinisi waseThekwini obuye abe umshayisibhakela, uCalven Robinson.
Umqondisi walolu hlelo, uThumeka Hlotshana, wenkampani iLet It Rain Films, uthe bayabajabulisa bonke laba besifazane futhi sebekulindele ngabomvu ukuthi abantu bakuleli babone ukuthi baphetheni kulolu hlelo.
Kwabesifazane ababonakale ngesizini yokuqala nababuyayo kulena yesibili kukhona uLaConco, Nonku, Sorisha no-Annie.
U-Ayanda Ncwane noKgomotso Ndungane bakhethe ukungabuyi kulolu hlelo.