SEKUVELE ukuthi ukufika kwakhe sekudlule isikhathi emsebenzini yikhona okuholele ekutheni amiswe isikhathi esingangenyanga emsebenzini umsakazi weGagasi FM, eFelix Hlophe.
UFelix oshayela uhlelo oluthi The Uprising alwenza noNjabs Zwane, kuvele ukuthi udube abaphathi ngemuva kokuthi bekhethe ukuthi uNjabs kube nguye oshayela uhlelo uma uFelix efike sekudlule isikhathi.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni uveze ukuthi ngemuva kokuthi edube ukusebenza uFelix, abaphathi babe sebemlandelisa ngencwadi yokummisa emsebenzini.
“Ubebhikisha ekhala ngokuthi kungani esuswa edeskini uma efika sekudlule isikhathi emsebenzini. Lokhu abaphathi bakwenze ngoba uhlelo kumele luqhubeke noma engekho. Ucasuke kakhulu uma eqondiswa ubugwegwe ngalokhu njengoba bekuyindlela yokumkhombisa ukuthi akagcine isikhathi uma eza emsebenzini kodwa yena waduba, wakhetha ukuthi angabalaleli abaphathi uma bekhuluma naye,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi ukuduba kwakhe kwenze izinto zaba lula kubaphathi njengoba bevele bamnika incwadi yokuthi ake ahlale ekhaya kancane.
Abalaleli beGagasi bebelokhu bezibuza ukuthi uphi uFelix.
Ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumana iFacebook, bebelokhu bembuza ukuthi ubuya nini emsakazweni kodwa engaphenduli.
Okhulumela Igagasi FM, uKhulekani Shandu uvumile ukuthi uFelix umisiwe emsebenzini futhi useyoze abuye ngenyanga ezayo.
“Kuyiqiniso ukuthi umisiwe emsakazweni futhi uyoze abuye emoyeni ngenyanga ezayo. Ngeke ngize ngande ngamaningi ukuthi yini eholele ekutheni amiswe, kodwa engingakusho wukuthi wuyena osazoqhubeka abuye ashayele uhlelo,” kusho uKhulekani.
UFelix uthembise ukubuyela entathelini ukuze aphawule, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphawuli.