ZIMBILI izinto ezenza umrepha waseNorth West, uCassper Nyovest, angapheli eThekwini - wumcimbi wakhe i#FillUpMosesMabhidaStadium nengoduso yakhe asanda kuzishaya ziphelele kubo, uThobeka Majozi.
Umthombo uthe uCassper ulobole uThobeka, oyindodakazi kasomabhizinisi, uNto Majozi. “Ngike ngezwa nje kuthiwa ubeyohlawula ngoba uThobeka ekhulelwe. Empeleni lokho kuyiphutha ngoba uThobeka akakhulelwe kunalokho ubeyolobola.”
Bese kunesikhathi kunamahebezi okuthi bayathandana kanti noCassper akanqeni ukuphawula ezithombeni zikaThobeka ezinkundleni zokuxhumana.
“Umgcagco sekuyoba yinto yangonyaka ozayo ngoba kusamele kuhanjiswe imibondo nazo zonke lezo zinto.”
Ethintwa uThobeka uqale walalela ukuthi ufonelelwani kodwa wangaphendula wase evala ucingo.
Unina kaThobeka, uNto, uthe ngeke aphawule “ngezinto ezithinta izingane”.
View this post on Instagram
Once you figure out what respect tastes like, it tastes better than attention. 💎
A post shared by Thobeka Majozi(@bexxdoesitbetter) on Aug 24, 2018 at 12:22am PDT
UCassper uvele wathuka wathi: “Ini? Anginakho engizokusho.”
Uthe uyazigulela, umzimba wakhe uwukhandle kakhulu elungiselela i #FillUpMosesMabhidaStadium ngoMgqibelo.
“Kade ngiyobona udokotela izolo (ngoMsombuluko) wangijova. Kumanje ngidla imithi futhi nomama ukhona uyanginakekela. Ngithukile futhi ngijabule, yingxubevange yemizwa. Sengijahe kabi ukuthi kube wumcimbi futhi ne-albhamu yami iyaphuma. Ngikubheke ngabomvu ukuphawula kwabantu ngayo futhi bakhethe nezingoma abazithandayo kuyo.”
I-albhamu yakhe, yiSweet and Short, inezingoma eziwu-11, iningi lazo elishaya ngesigqi sekwaito.
Uthe sebengeze ngoKing Monada wodumo lwengoma ethi Malwedhe (Idibala) ohlwini lwabazonandisa.
“Sekuphele amasonto sikhuluma naye. Unengoma eshisa izikhotha futhi abantu bayayithanda. Angazi noma abantu bazoyenza Idibala yini enkundleni
UMREPHA uCassper Nyovest uthe abantu kumele baphuthume bathenge amathikithi e#FillUpMosesMabhidaStadium ngoba amathikithi azophela
Abanye abazonandisa ngoShwi noMtekhala, D’banj, Nadia Nakai, Babes Wodumo, Black Motion, Shizma, Sjava nabanye abaningi.
Uthe amathikithi, abiza uR100 noR150, abethengwa ubuthaphuthaphu asedayise aphela. Awe golden circle sekusele kancane aphele.
Amathikithi adayisa eComputicket ngemali eqala kuR200 kanti amasango azovulwa ngo-2 emini.