UMCULI osanda kunqoba izindondo ezimbili kumaSABC Crown Gospel Music Awards, uGugulethu Nkutha, uthe abantu kumele bawuyeke umqondo wokuthi isikhathi sesihambile uma befuna ukufeza amaphupho abo.
UGugulethu (37) unqobe indondo yeBest Newcomer nendondo yeBest Community Outreach by Artist or Group.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe uthe ukunqoba kwakhe indondo yeBest Newcomer kufana nokwethulwa ngokusemthethweni eNingizimu Afrika jikelele kwabebengamazi.
“Kunabantu abebengangazi ukuthi ngicula esontweni futhi ngibhala nezingoma kodwa ukunqoba kwami kuvele kwathi eNingizimu Afrika nangu uGugu. Ngiyawabonga amaCrown. AmaCrown avula iminyango futhi ngizimisele ngokubamba leli thuba ngiqhubeke nomsebenzi,” kusho uGugulethu.
UGugulethu ushadile futhi unezingane ezimbili. Usebenza ngokugcwele enkampanini i-Elvey Security Technologies lapho ephethe khona uphiko lwezokukhangisa. Ngaphambi kokusebenza khona uphathe ezinkampanini ezahlukene okubalwa kuzo iMTN, Vodacom, FNB nezinye.
Uthe umsebenzi wakhe awuwuphazamisi umculo awenzayo ngoba isikhathi uyakwazi ukusihlela kahle.
“Uma ngisemsebenzini ngizinikela ngokugcwele. Ngenhlanhla ngenxa yokuthi ngingumphathi akudingeki ukuthi ngibe sehhovisi ngaso sonke isikhathi. Ngihlela kusenesikhathi ngiphume ngemuva kwesikhathi uma kuphoqa ukuze ngiqede umsebenzi,” kusho uGugulethu oneziqu zeMaster of Business Administration azithola eMancosa.
KumaCrown unqobe nge-EP yakhe enezingoma ezine ethi After Creation kanjalo nemisebenzi yakhe ayenzayo ukufukula abantu.
“Ubaba wami washona ngineminyaka emithathu. Ngiqale ngisemncane ukwazi uNkulunkulu njengoyise kimi. Ngikhulele esontweni kodwa ngineminyaka engu-15 yilapho ngimqonde khona kangcono ngoba ngizalwe kabusha. Ngesikhathi ngigula ngimbone njengomelaphi. Ngibe nenkinga ephatha abaningi besifazane yokopha ngaze ngakhishwa isibeletho.”
Uthe yilapho enqume khona ukuqopha umculo lapho edumisa khona uNkulunkulu. Ngonyaka ozayo uthe uzokhipha i-albhamu ephelele.
Ngaphandle komculo ukhiphe incwadi ethi, The Things She Remembered.
“Ikhuluma ngempilo yentombazane esencane umngani wayo ozibulalayo. Yinto eyenzakalayo emphakathini kodwa sinamahloni okukhuluma ngayo. Uma ikhula iyadlwengulwa. Ifundisa ukuthi empilweni sibhekana nezimo esingazikhetheli zona kodwa okubalulekile ukuthi silwe nazo siphume kuzo.”