UJABULISA okwengane encane usaziwayo wakuleli uBonang Matheba ngokuthola ithuba lesibili lokuphatha uhlelo lukaMiss SA.
Lo mcimbi uzoba seThe Sun Arena, eTime Square, ePitoli, ngo-Agasti 9, okuwusuku lokubungaza abantu besifazane kuleli.
UBonang uthe ujabule kakhulu ngokunikwa elinye ithuba kulo mcimbi ikakhulu njengoba uzokube ungoSuku lwaBesifazane.
“Kuningi okuhle okuzokwenzeka kumina ngalolu suku njengoba nesiphuzo sami iHouse of BNG, izobe ixhase lo mcimbi. Nangonyaka odlule ukuwuphatha kwami kwakusho lukhulu njengoba wawugubha iminyaka engu-60 wasungulwa. Ngiyabonga kakhulu ngaleli thuba njengoba ngake ngaba nayingxenye yamajaji ngo-2014 ngesikhathi isicoco sithathwa uRolene Strauss,” kusho uBonang.
Uthe ngesikhathi etshelwa ukuthi isiphuzo sakhe sizobe siyingxenye yawo uvele wabona ukuthi ukusebenza kanzima kuyasiza.
“I-House of BNG ngaqala ukuyisebenza kudala yize isize yagqama kulo nyaka. Akuyona imfihlo ukuthi ngiyazifela ngohlobo lwesiphuzo seChampagne, ngakho ukuthola ithuba lokuthi ngenze esami ngalibamba ngazo zombili ngasebenza futhi, abantu bayasithanda nami ngijabule kusuka saphuma,” kuchaza yena.
Uzime walo nyaka uzohamba nomklomelo kaR1 million ongukheshi nezinye izipho. Ozothatha indawo yesibili uzohamba nemali engu-R250 000 bese kuthi bonke abangu-16 bathole uR25 000.
Lo mcimbi uyosakazwa bukhona kuM-Net nakuMzansi Magic.
Kusasa kulindeleke ukuthi kumenyezelwe izintokazi ezingu-16 ezizoqhudelana.
IKwaZulu-Natal kwezingu-35 ezikhona manje imelwe ezinhlanu.