UMCULI osezakhele udumo ngomculo obizwa ngeGqomu uthi uthuke koma nasozwaneni ebona ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uqokwe emikhakheni eyehlukene kuma-16th Metro FM Music Awards, abeseBrynston, The Campus, eGoli ngoLwesibili ebusuku nokuyinto athi ubengazi lutho ngayo.
UBongekile “Babes Wodumo” Simelane, uthi usizwe izinkundla zokuxhumana ukuze abone ukuthi kunalo mcimbi futhi kukhona neminxa aqokwe kuyo.
Utshele Isolezwe ukuthi namanje isabalimaza indaba yemenenja ababeyiqashile njengoba eminye imicimbi bezwa ngayo isidlulile.
“Ngijabule kakhulu ngokuqokwa kwami. Ngibonga bonke abantu abangixhasile yize bengingazi ngendaba yomcimbi kodwa ngisizwe ukungena ezinkundleni zokuxhumana naku-website yakwaMetro ngabona ukuthi ngiqokwe eminxeni emingaki,” kusho uBabes Wodumo.
Uthe abazi noma bebemenyiwe yini emcimbini wangoLwesibili ukuze bezozizwela ngawabo ukuthi ikhona yini iminxa abakuyo.
“Ngizimisele ukuthi ngizibambele mathupha kwezinye izinto ezithinta umsebenzi wami. Njengoba abantu bekhombise ukungithanda kangaka kumele ngisebenze kanzima, ngabe angiqokiwe kule minxa ukube abalandeli bami abakhombisanga ukungithanda, kwi-albhamu yokuqala,” kuchaza uBabes.
Uthe ubonga lonke ithimba asebenze nalo ngesikhathi behlanganisa i-albhamu yakhe.
Unxuse abantu ukuthi bamvotele ngoba angathanda ukuhamba nazo zonke lezi zindondo.
Nentokazi eyagqama ohlelweni ama-Idols, * -Amanda Black, nayo ithe ibone ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kukhona iminxa eqokwe kuyo.
U-Amanda uqokwe eminxeni eminingi kulo mcimbi.
Uthe ubengekho yize ebemenyiwe wabanjwa yizinto ebezidinga abe nomndeni wakhe.
“Ngijabule kakhulu angazi nokuthi ngithini. Kodwa abantu ngibakhuthaza ukuthi bangayeki ukukholelwa emaphusheni abo,” kusho Amanda.
Uthe angakujabulela ukunqoba kuyona yonke iminxa aqokwe kuyona. UVuyo Mthembu wakwaSABC uthe izimemo bazikhiphela zonke izinkampani ezinabaculi abaqokiwe.