INTOKAZI eyaziwa ngeQueen of Gqom, uBabes Wodumo (osesithombeni), isiveze ukuthi yona noBrilliant Khuzwayo bangabangani abadala futhi amahlebezi okuthi bayathandana abawanaki.
Enkulumeni ekhethekile neSolezwe uthe unabangani besilisa ahlala ehamba nabo kanti uBrilliant ngomunye wabo.
NgoMgqibelo, uBabes nobengunozinti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo, batheleke behamba bobabili emcimbini uMlazi Picnic, eKing Zwelithini.
Bafika behamba nequlu ebeliphelezela uBabes obekukhona kulo nabadansi bakhe.
Ngesikhathi bekhuluma bekucaca ukuthi bayazwana ngoba bebensinsitheka into engapheli. Bafike bama eduze kwesiteji uBabes wangena wahlanyisa izihlwele nokuthe uma eqeda wahlala nabantu ematendeni ezicukuthwane.
UBabes bekucaca ukuthi ujabule. EMlaza bekukhona noMampintsha.
“Kusho ukuthi wonke umuntu wesilisa engihamba naye kuzothiwa ngithandana naye. Kukhona uSthe naye engihlala ngihamba naye kulezi zinsuku, uyangigada naye kuzothiwa ngithandana naye manje. Baningi abesilisa engibajwayele engizokufela ukuthi ngihlale nginabo,” kusho uBabes obezwakala ukuthi ukhuluma ngokuzethemba.
Uthe akanankinga nokukhulunywa abantu ngoba kuyindlela abacabanga ngayo.
“Okokuqala uBrilliant kuthiwa unomuntu asemlobolile mina ngingathandana kanjani-ke naye ngoba nami ngeke ngiphatheke kahle uma ngizwa ukuthi isithandwa sami sinomunye umuntu ekubeni sesingithembise umshado. Ngeke ngimzwise omunye umuntu wesifazane ubuhlungu obunjalo,” kuchaza yena.
Isolezwe NgeSonto likhuluma noKhuzwayo uveze ukuthi uyamazi uBabes kodwa akulona iqiniso ukuthi uthandana naye.
Uthe akazi ukuthi la mahlebezi asukaphi ngoba akamandla nasezinkundleni zokuxhumana ukuze afunde ukuthi abantu bathini uma bezibhalela.
Khonamanjalo uBabes akabonakalanga emcimbini obusendaweni yobumnandi ngaseSouth Beach, iJoe Cools, obekumele anandise kuwo nowayengumphathi wakhe kwiWest Ink uMampintsha noDJ Tira. UMampintsha ubezothula iculo lakhe elisha elithi Amaketanga kule ndawo.