UNKOSIKAZI wesihlabani somculo wokholo uSfiso Ncwane esingasekho emhlabeni, u-Ayanda Ncwane, ukhala ngezimfamona ezimsola ngokuthi uthandana nomholi weqembu lomculo wokholo, Abathandwa eyimenenja yalo.
Ukhulume ngemuva kokuba kusabalale ezinkundleni zokuxhumana isithombe sikaPercy Nyoka ohola iqembu Abathandwa, egqoke ibhulukwe elifana ncimishi nelikaNcwane, okusolwa u-Ayanda ngokuthi useliphe lo wesilisa ngoba bethandana.
Kuleli sonto, izinsolo zokuthandana kuka-Ayanda noNyoka bezisematheni ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kugcine kuphoqe u-Ayanda ukuthi agcine esephendula lezi zinsolo kwi-Instagram.
Uthe: “Empeleni angikweleti muntu okumele ngimchazele ngezimpahla zami zokugqoka ngenxa yezimfamona. UPercy Nyoka ugqoke ibhulukwe lami, akulona elikababa uNcwane. Zonke izingubo zomyeni wami ezibalulekile ngizigcinele izingane zami. UPercy ngimuphile i-track suit yami bathandekayo abafuna ukwazi. Inkinga manje yilo moya ovumayo ophethe kabi idlanzana lenu kodwa abaningi babonga uMdali ngempumelelo yethu, okwenza ngingakushayimkhuba wena mfamona. Vele udlale ingoma kuvume umoya uzoba grand,” kusho u-Ayanda.
UMHOLI weqembu lomculo wokholo Abathandwa eliphethwe kwaNcwane, uPercy Nyoka nenkosikazi kaSfiso * -Ayanda Ncwane
Ngesikhathi ethintwa ukuthi aziphendulele kulezi zinsolo ezibhekiswe kuyena nakubhale kwi-Instagram ubengalubambi ucingo. Ngisho nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga.
Ngaphandle kwalesi sithombe ebesivela ezinkundleni zokuxhumana kuphinde kwaba nenkulumo yowesifazane eqoshiwe esabalele kwiWhatsapp isola u-Ayanda ngokuthi uthandana nomculi kamaskandi Igcokama Elisha.
Lithintwa Igcokama Elisha lithe alithandani no-Ayanda kodwa limkhonzile.
“Ngike ngayizwa nami leyo nkulumo eqoshiwe. Empeleni angithandani no-Ayanda kodwa ngimkhonzile. Kungenzeka ukuthi abantu banalezi zinsolo ngoba ngike ngafaka isithombe sika-Ayanda ku-Instagram wami kuleli sonto.
“Bengisifakiswa ukuthanda izimpahla ezibomvu azigqokile kusona ngoba vele umbala wami osetshenziswa abalandeli ubomvu. Angimjwayele nhlobo * -Ayanda,” kusho Igcokama.
Imizamo yokuthola uNyoka ukuba aphawule ayiphumelelanga.