UMLINGISI wakuleli, u-Andile Mxakaza, useveze ukuthi kukhona abesifazane akade besebenzisa umuthi ukuze kuphele ubudlelwano bakhe noLady Du.
ULady Du ocula umculo wama-piano, ngeSonto ubhale kwi-Instagram ukuthi kuphelile phakathi kwakhe no-Andile obengumlingisi wethelevishini.
Uthe yena no-Andile bazame konke kodwa ekugcineni bathathe isinqumo sokuhlukana izinto zingakabi zimbi kakhulu phakathi kwabo.
Kwi-video eqoshwe u-Andile, uthe uyohlala emthanda uLady Du, ngenxa yokuthi ufike wenza olukhulu ushintsho empilweni yakhe nabazali bakhe.
“Ngicela abantu bayeke ukuhlukumeza ingane yabantu, sekuyisikhathi eside le nto yenzeka kodwa manje ngeke ngisathula, engingeke ngikwenze ukuthi ngibize amagama abantu kodwa bona bayazazi. Ngiyazi nina beningazi lutho nibone nje sesibhala, ingane yabantu ibisihlukumezeke isikhathi eside. Into engifuna ukuyisho nje ukuthi abantu besifazane bayathakatha. Ngiyamazi umuntu owenza le nto akayeki ulokhu eqhubekile nayo, okokugcina ke manje ngimkhuza. Ngoba ingane yabantu isithandana nami seniyayihlukumeza, asilali besihlala sithandaza, iyekeni le nto,” kusho u-Andile.
Uthe abafuna yena abamthathe bayeke uLady Du.
Uveze ukuthi akekho omunye umuntu ayomthanda njengoLady Du, abebekade sebethembisene umshado naye.