“INHLIZIYO yami ibuhlungu kakhulu kuyabonakala ukuthi kunesandla sesithathu. Sikahle noBabes, makufakwa kakhulu izinto zothando, akekho umuntu ongenayo inkinga othandweni kodwa ngendlela asebebeka ngayo: izinto zezibhakela, omongozima nokuphuka komlenze, ngivele ngadunyelwa ngoba naye uBabes uvele waxakeka ukuthi imilenze yayiphuka kanjani, izibhakela kanjani.
“Angisona isilwane, uyangazi naye. Ngiyamthanda ngimphilela kakhulu, manje sebengihlasela ngaye. Bengifisa naye uBabes sengathi uNkulunkulu angasisiza, akwazi ukubona lezi zinto zezitha ngoba ekugcineni njengoba ngangimvikela kusuka kuqala uBabes kuze kuba manje, ngaze ngashintsha impilo yami ngendaba yakhe ngoba ngangimthanda.
“Sengifisa ukwazi ukuthi yena uyongivikela nini emhlabeni ngoba lezi zimpi azipheli. Zilokhu zikhula ngaso sonke isikhathi, kuqhamuka lokhu nalokhu, umuntu uyahlaselwa. Iqiniso uyalazi, ulazi kahle, yingakho njengoba engxoxweni (kwiMetro FM) akukhulumi yena kukhuluma abantu.
Bathi mtshele angithi unjani njani. Ngiyazibuza ukuthi laba bantu ulwazi abalutholayo yilona abazocekela phansi, bafuna ukusebenzisa uBabes, bafuna kususwe mina ukuze bakwazi ukuthola uBabes bakwazi ukumsebenzisa ngendlela abafuna ukumsebenzisa ngayo. Inhliziyo yami ibuhlungu, ngisho abantu basezinkundleni zokuxhumana basebenzisa le nto ngisho abayizitha ukufeza izidingo zabo. Bayangithuka akekho umuntu osezwe udaba lwami. UBabes akakaze asho lutho, naye udidekile uma ubuka ivideo.”