UKUCULISA okwentombazane okwenza kube nongabazane kwabaningi ukuthi uyena ngempela ocula engomeni yakhe ethi Eyadini, uManqonqo, uthi yinto ahlale ehlangabezana nayo abantu bembuza ngayo.
Uthe ngaso sonke isikhathi uhlale echaza ukuthi akekho owesifazane ampike engomeni yakhe ethi Eyadini.
“Akusangithusi ukuzwa kuthiwa ngiculisa okwentombazane ngoba ngihlala ngibuzwa ngakho. Abanye bazitshela ukuthi kukhona owesifazane engimfihlile ocula phambili kanti akunjalo. Sicula singabafana sibathathu kuyona. Kukhona mina ocula phambili, ngapika uDason noSaviour Gee,” kusho uManqonqo.
Uthe okwenza izwi lakhe lizwakale njengelowesifazane ukuthi vele uhlala ebhalela abesifazane izingoma.
“Angivele ngimnike owesifazane ingoma ukuthi azibonele ukuthi uzoyicula kanjani uma sengimbhalele kodwa ngiyicula mina kuqala ngimkhombise ukuthi kumele ayicule kanjani.
“Mina ngingumculi wekwaito futhi bengingakaze ngicule ngaleli phimbo phambili ezingomeni zami. Ngiqale ngeYadini. Nakhona ngiyicule kanje ngenxa kaphrojusa wami * -Eric Ngubane.
“Ungitshele ukuthi le ndlela engisuke ngifuna amantombazane acule ngayo, akube yimina oyiculayo kanti kuzomane kuphume ingoma esezingeni ngalolu hlobo,” kuqhuba uManqonqo.
Uthe noma kuyinto abengakaze ayicabange phambilini ukuthi uzocula ngalolu hlobo, usezizwa ekhululekile manje ngendlela acula ngayo, yingakho seziningi izingoma acula kuzona ngaleli phimbo.
Uthe ekupheleni kukaJanuwari uzokhipha i-EP yakhe esihloko esithi Naoke Leonto, enezingoma eziyi-sikhombisa lapho ecula khona ngalolu hlobo. Uthe kuyona yinye ingoma eveza indlela abecula ngayo engakaziwa.
Okunye okuphinde kushiwo abantu ngephimbo likaManqonqo ukuthi libuye lizwakale njengelabaculi bakamaskandi.
Uthe nalokho useke wakuzwa futhi akanankinga nakho ngoba ungumlandeli womculo kamaskandi. Uthe umculi amthandayo angakujabulela ukucula naye ngelinye ilanga uKhuzani.
Ngaphandle kwe-EP ezophuma ekupheleni kukaJanuwari, uManqonqo uthe uzokhipha i-albhamu ephelele phakathi kukaJuni noJulayi nonyaka.