INTOKAZI yaseMnambithi esohlelweni ama-Idols SA, uNosipho Silinda isiveze ukuthi iyaxolisa ngokuqhubeka ilokhu inganiki abalandeli bayo lokhu abakudingayo.
Lokhu kulandela ukuthi ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bayo bekhale ngokuthi ayilinyusi izinga ecula ngalo esiteji ilokhu iqhubekile nokwenza into eyodwa amasonto elandelana.
Lokhu okushiwo abalandeli bale ntokazi amajaji ake akusho emasontweni adlule.
Ekhuluma neSolezwe uNosipho uthe, uyalivuma iphutha lakhe futhi uyaxolisa ngokunganiki abalandeli bakhe lokhu abakufunayo.
“Ngiwumuntu onamahloni kusukela ngisemncane ngidaliwe kodwa ngiyabona abalandeli bami bafuna ngikushintshe lokho ngakho ngizozama ngawo wonke amandla. Ngingenela lolu hlelo ngangicabanga ukuthi ngizongena esiteji ngicule ngenxa yokuthi kulula kodwa ngeke ngiqambe amanga kunzima,” kusho uNosipho.
Uthe abalandeli bakhe uyabanxusa ukuthi bamvotele kuleli sonto ukuze abanike lokhu abakufuna kuye.
“Uxhaso engilukhonjiswe abantu bakuleli ngisho nosaziwayo luyamangaza, ngiyabonga kakhulu,” kuchaza yena.
UNosipho noXae yibona asebengamathemba abantu baseKZN ngemuva kokuhamba kukaMthokozisi ababenaye kuTop 10.
Ohlelweni lwangeSonto kuphume insizwa yaseKapa uLincon.
Amavoti amancane awatholile yiwona amphoqe ukuthi akhishwe kulolu hlelo.