USEKHETHE ukuzehlisa kobeyisoka lakhe uZodwa Wabantu wacela ukuthi benzise okwabantu abadala ukuze umsebenzi wabo uzoqhubekela phambili. UZodwa Wabantu ubesho kanje kuNtobeko Linda osekunesikhathi ahlukana naye wathandana noVusi Ngubane. Into ebaluleke kakhulu nabeyigcizelela emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ufuna basebenzisa njengoba eveze ukuthi uhlelo lwakhe iZodwa Wabantu Uncensored iyabuya futhi kuzobe sekuyisizini entsha kwiMoja Love.
Okungacaci kahle ukuthi uzoyishutha noNtobeko kuphela noma noVusi uzobonakala kulolu hlelo njengoba ethandane naye emuva kokuthandana noNtobeko. "Ngingowesifazane ongusomabhizinisi Ntobeko, singanika abantu into abayifunayo? Miningi imbuzo abanayo abafisa uyiphendule ngoseason 1. Sobabili sisebudlelwaneni ngokuhlukana kodwa umsebenzi akube umsebenzi," kusho uZodwa Wabantu.
Emuva kwalokho ubesenxenxa abantu ukuthi nabo bangenelele bamfunise uNtobeko bese ephendula acacise nokuthi uzobayini ingxenye yohlelo.
Ngakolunye uhlangothi uVusi ulokhu ematasa nokuqhulula izithombe zentokazi entsha athandana nayo neqale ukubonakala ngesikhathi uZodwa Wabantu elwa naye kubangwa imoto ebemsola ngokuthi usebenzise igama lakhe ukuze ayithole.