Nokubongwa Phenyane
UMCULI kamaskandi ongowesithathu kuleli ukuthi ingoma yakhe ihlukanise unyaka emsakazweni uKhozi FM, uKhuzani Mpungose uthi manje usebheke imincintiswano yaphesheya kwezilwandle neyase-Afrika
UKhuzani kuthe elakuleli liphuma enyakeni u-2020 lingena ku-2021, ingoma yakhe yaba kwezinye ezihambe phambili ezidlalwe phakathi kwamabili emisakazweni emikhulu kuleli.
Ingoma kaKhuzani ethi Ijele, ihambe phambili emsakazweni uKhozi FM, ngamavoti angu-957 950, kwaba iyona evotelwe kakhulu.
Kwezinye iziteshi zomsakazo okukhona kuzo iGagasi FM, Umhlobo Wenene neLigwalagwala kuhlukanise ingoma kaBig Zulu ethi Imali Eningi, kwiMetro FM nakuLesedi FM kuhlukanise ekaNomcebo ethi Xola Moya Wami kuMotsweding FM neThobela FM kuhambe phambili ingoma kaMakhadzi ethi Muharu.
Ekhuluma neSolezwe uKhuzani uthe, kuleli usekufezile konke ayekufuna okubalwa kuko ukugcwalisa iMabhida waphinde waqoqa izindondo emicimbi emikhulu okukhona kuyo amaSama namaDStv Viewers Choice Awards.
“Ukuhlukanisa unyaka bekuyikona ebengikufuna kuleli sekwenzekile ngakho kufeziwe, ngiyabonga kakhulu kuwona wonke umuntu ongivotele, ngaphumelela. Abalandeli bami nabantu bakuleli abakwenze kimi kukhulu kakhulu. Ngibheke emiklomelweni okukhona kuyo eyase-Afrika neyaphesheya kwezilwandle,“ kuchaza uKhuzani.
Uthe uyafisa ukungena emcintiswaneni omkhulu emhlabeni amaGrammy Awards.
“Kozakwethu ebesinabo kulo mncintiswano ngiyazi ukuthi izinhliziyo zibuhlungu, njengoba engekho umuntu ongajabula ehluliwe. Kodwa ngithi angibachushise ngokuthi uma kuqhudelwana kanje ababe nezinduna namagatsha abalandeli babo nokuyilapho beyoyibona khona imiphumela emihle. Umaskandi uma kuqhutshwa kanje uyowina kuze kube phakade,“ kuphetha uKhuzani.