UMQHUDELWANO woKhozi FM wabasakazi abasafufusa usuphenduke inkundla yokuqhoshelana komaskanda abangahoshelani, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele noKhuzani “Indlamlenze” Mpungose.
Kulo mncintiswano obizwa ngeNext Winnnie Mahlangu Competition, emzuliswaneni wesibili kuqhathwe umsakazi weNkandla FM, uNoxolo Buthelezi noweRise FM yaseMtubatuba, uNombuso Tembe.
UKhuzani uphumele obala wanxusa abalandeli bakhe ukuba beseke uNoxolo kanti neGcokama Elisha linxuse abalo ukuba bavotele umkhaya walo, uNombuso njengoba bephuma eMtubatuba.
“Kucelwa ukuba kulekelelwe nali ikhono laseNkandla lapho ngiqhamuka khona. Kuyavalwa ngoLwesine,” kusho uKhuzani.
IGcokama libhale kanje kuFacebook walo: “Ngicela nivotele uNombuso Tembe waseMtubatuba. Ivoti lakho lingawenza umehluko. EMkhanyakude siyanqoba,” kuphetha iGcokama Elisha.
NoMdumazi “Igeza Lendalo” Mhlongo waseMtubatuba naye, uthe ucela abakhe bavotele uNombuso ngenxa yekhono alizwe kuye.
UNombuso (28) ufunde eBhokoza Primary naseMdungandlovu High ngaphambi kokwenza izifundo zeMarketing e-Unisa kanti uNoxolo (27), waphothula uGrade 12 eVelangaye Comprehensive High, manje wenza izifundo zobuthisha e-Unisa.
*Ukuvotela uNombuso uthumela igama elithi Winnie A kanti uNoxolo uthumela igama Winnie C ku-33665. Ozophumelela esigabeni sesibili uzojoyina uMinenhle “Minimizer” Masondo, odlulele emzuliswaneni wamanqamu ngesonto eledlule. Izigaba ezisele sezimbili kuphela, yingesonto elizayo nelizolandela elizayo bese ngenyanga ezayo amajaji ememezela obashaye emakhanda bonke kwiTop 4 yalo mqhudelwano.
Odlulele esigabeni esilandelayo uzomenyezelwa kusukela kusasa.