KHETHA SANGWENI
IYAVEVA inhlangano yamaciko iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA), esola i-SABC ngokuxhaphaza abaculi ngomncintiswano weNgoma Ehlukanisa Unyaka woKhozi FM, njengoba owinile engeke athole ngisho indibilishi.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi uKhuzani ohlukanise unyaka ngengoma ethi Ijele, ngeke athole ngisho utiki. Indlamlenze okuyizibongo zikaKhuzani, ithole amavoti angu-957 950 yaqumba phansi izimbangi zayo.
UMengameli weCCIFSA, uJoy Mbewana uthe abayikholwa indaba yokuthi iciko elehlukanise unyaka alitholi lutho nokuyinto abayithatha njengokuxhashazwa kwamaciko.
“ I-SABC iwumsakazi womphakathi imelwe wukuthuthukisa amaciko, kuyathusa uma izokwenza kanje. Lo mkhankaso unyusela Ukhozi FM isibalo sabalaleli, kufanele ngabe kukhona okutholwa amaciko. Siyalusukumela manje lolu daba, uma kungalungi, sizolubika kumengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa njengoba sizoba nomhlangano naye maduze ngodaba lwamaciko,’’ kuchaza uJoy.
Uthe kwakungcono ngesikhathi umkhankaso usaphethwe wu-Owen Ndlovu ngoba umculi wayethola u-R150 000 nemoto yakwaKia. Umacekeceke wemoto nemali kwakukhona ngesikhathi uMroza ehlukanisa unyaka ngengoma yakhe ethi Elamanqamu eyaduma ngoVan Damme, emuva kwalokho kwaphela.
Ethintwa uKhuzani ngalolu daba ukuqinisekisile ukuthi ngeke athole ngisho uzuka njengoba ehlukanise unyaka. Ubonge bonke abamesekile ne-SABC ngokuqhuba umkhankaso wathi unaso iseluleko afisa ukusikhipha.
“ Sengathi ngokuzayo ingalungiswa lento kube khona akutholayo umculi ngoba usuke esebenzise imali ekhankasa izwe lonke, kuhanjwa kulalwa nasemahhotela kufakwa nophethiloli wezimoto. Kunzima ke kulokhu sishawe yiCovid asisebenzi kodwa abantu bacabanga ukuthi sinemali kanti asinalutho,’’ kusho uKhuzani.
Umkhulumeli weSABC obambile, uMmoni Seapolelo ukuqinisekisile ukuthi umculi ohlukanisa unyaka akatholi lutho kodwa kuklonyeliswa abalaleli abavotile.
“ Singakuqinisekisa ukuthi Ukhozi FM luzoklomelisa abalaleli abathathu abaqagele ingoma yonyaka. Bazothola uR60 000, R40 000 noR30 000 ngokwehlukana. Umkhankaso wethu weNgoma Ehlukanisa Unyaka awukaze ukhokhele muntu kodwa usuke uthuthukisa amaciko ngokuphusha umculo wawo,’’ kuchaza uMmoni.