ZIPHENDUKE ihlaya izinqa zikasaziwayo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwesithombe sakhe sakamuva ezishuthile.
ULaSizwe ufake isithombe ku-Instagram egqoke isikibha nesikhindi sangaphansi esincane eveza ubukhulu bezinqa zakhe. Ufake umbhalo ohambisana nalesi sithombe eduduza abantu abanezishwapha nokuyinto eyenze abantu abaningi bakubona kuyihlaya abekusho. ULaSizwe uthe abantu kumele bazi ukuthi ababodwa kule nkinga yesishwapha. "Kunina nonke eninezinqa ezincane, ningakhathazeki aninodwa," kusho uLaSizwe.
Lo methuli wezinhlelo uphinde wabhala wakugcizelela ukuthi izinqa ezincane zibalulekile. Lesi sithombe esesinosuku esifakile sesinama likes angaphezulu kuka-74 000. Bangaphezulu kuka 4 600 abantu abaphawule ngaso ku-Instagram, nakuTwitter noFacebook kulokhu kukhulunywe ngaso. Babodwa abambuza sakumgcona ukuthi akuzona yini izinqa ezibalulekile nezimenza aheha. Abalandeli bakhe abaningi baphawula sakuchazeka, abanye bedalula ukuthi nabo babhekene nenkinga efana yesishwapha.
Osaziwayo abaningi nabo bathathekile yilesi sithombe, nodadewabo uKhanyi Mbau uhlulekile ukuzibamba waphawula kulesi sithombe maqede waphela insini. ULasizwe ugcine elicishile ikhasi lakhe likaTwitter ngoLwesibili kulandela ukudelelwa ngalesi sithombe.