UCIKWA abagxambukela ezindabeni zakhe umlingisi ogxekwa ngokuncelisa indodakazi yakhe esinonyaka nezinyanga ubudala.
ULinda Mtoba usephumele obala wakhuluma ngokukhathazeka kwakhe ngabantu abahlala bephawula begxeka ukuthi usayincelisa ibele indodakazi yakhe uBean onezinyanga eziwu-15. Uthe kuyammangaza ukuthi abantu njalo uma efaka ivideo encelisa indodakazi yakhe bavele bababaze ukuthi isancela ibele nangazi ukuthi bahlanganaphi nokuncelisa kwakhe.
"Njalo uma ngifake ivideo ngincelisa, ngiyathunyelelwa kubuzwa ukuthi usancelisa abanye bathi akasemdala esancela. Lalelani ningizwisise kahle, okokuqala yebo, futhi ngiyaziqhenya ngakho. IWorld Health Organisation (WHO) iyakukhuthaza ukunceliswa kwengane izibe neminyaka emibili," kusho uLinda.
Lo mlingisi ube esegqugquzela abalandeli bakhe ukuthi bazijwayeze ukwenza ucwaningo bafundiseke ngalezi zinto.
"Kuningi kabi okuzuzayo ngokuncelisa. Kuyisinqumo sami futhi ngizoqhubeka ngikwenze izinyanga eziyisithupha. UBean unezinyanga eziwu-15 manje ngoyeka uma sengithanda futhi sengibona ukuthi noBean usekulungele ukuyeka," kusho uLinda.