KUKHALE abaningi ngezindaba zokushiya kwentandokazi yomlingisi womdlalo wethelevishini waphakathi nezinsuku Uzalo. UNelisa Mchunu odume ngelikaFikile kulo mdlalo kumenyezelwe ukuthi uyashiya njengoba naye eseqalile ukuveza ukuthi akahleli kunezinye izinhlelo azovela kuzo.
Abalandeli balo mdlalo balokhu bekhale njalo kulandela ukuvela kwalezi zindaba. Ukulingisa kahle indawo kaFikile ojola noSbu kulo mdlalo kumakhele ugazi ngendlela ebebonakala belingisa ngayo uma behlangene.
Kodwa ukuvela kwezindaba ezibuhlungu zokuthi useyamshiya uSbu nokuthi abomdlalo bamvalelise ngokusemthethweni kuzwelile kubabukeli. Yize bebesamthanda kodwa bamfisele okuhle kukho konke azokuqala baveza nokuthi lomdlalo ngeke usafana njengoba esehamba uFikile.
Lo mlingisi akuyena owokuqala ukushiya kulo mdlalo kwazise kusanda kuhamba noThandeka Dawn King naye okwazwela kakhulu kubabukeli eshiya. Ozakwabo bamfisele okuhle ngisho nodadewabo ongumlingisi uLondeka Mchunu owaduma kwiSithembiso.