UMREPHA wakuleli ohlale egxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngendlela aphatha ngayo abesifazane, uvele wabavala umlomo abantu abagxambukela ezindabeni zakhe eveza isithombe sokuthi sebethembisene umshado nentombi yakhe.
U-AKA ongubaba wengane kaDj Zinhle uKairo uthembise intombi yakhe uNelli Tembe umshado. U-AKA lokhu ukwenza ngokukhulu ukuzuma kungazelele muntu kwazise abantu abaningi bese benakho ukuphawula ngokuthandana kwalaba bobabili.
U-AKA emuva kokucela umshado kuNelli ubesesabalalisa izithombe zendandatho yabo yomshado eveza ukuthi ucele isithandwa sakhe umshado savuma. UNelli naye ngokunjalo wenze okufunayo maqede waveza nangendlela olubaluleke ngayo usuku athenjiswe ngalo umshado yilo mculi.
— AKA (@akaworldwide) February 22, 2021
Abantu abaningi bamangele bazibongela lezi zithandani ngokuthatha igxathu eliyaphambili ngothando lwazo. Osaziwayo abahlukene nabo balokhu beba bongele njalo, nezinye zezikhulu zikahulumeni zibonake ekhasini lika-AKA okubalwa kuzo nongqongqoshe uFikile Mbalula.
U-AKA ucela umshado nje kuNelli bekukhona ukushaya amakhala kubantu ngothando lwabo kwazise unerekhodi lokuphula abesifazane umoya. Uhlukane noDj Zinhle izikhawu ezahlukene kwadina abantu abaningi waze waba nesigcwagcwa nokwenza abantu abaningi bazitshela ukuthi akanalo uthando lweqiniso.
Isenzo sakhe sakamuva sibuyise ithemba kubantu nabalandeli bakhe. Yize kunjalo kodwa basekhona abantu abangakamkholwa kahle nabathi kusangenzeka noma yini ngenxa yomlando wakhe ongemuhle kwezothando