NOKUBONGWA PHENYANE
KUPHOXILE ukungafiki koDJ bomsakazo iMetro FM akade bebhekwe ngabomvu emcimbini wokugubha unyaka kwavulwa indawo yobumnandi esoLundi, iChillerz, ephethwe uMntwana uNhlakanipho Zulu.
Emcimbini bekuboshelwe osaziwayo okukhona kubo owayengumdlali weBafana Bafana, uDoctor Khumalo, uDJ Mshiza nabanye.
UMsizi Shembe noSentle Lehoko beMetro FM badumaze abalandeli babo bebeka izizathu ezehlukene ezibenze bangafika.
Kodwa lokho akuvimbanga ukuthi umcimbi uhambe ngendlela ngoba abebewuhambele bajuxuze kwaze kwasa.
UShimza ubashiye befuna impinda edlala izingoma zakhe ezehlukene isikhathi esingaphezu kwehora.
Emuva kwakhe kube sekungena uThukzin owenze adume ngazo ejabulisa abantu.
Ikhono lokudlala kuThukzin lenze abantu banganaka okuningi kodwa bajabulela izingoma zakhe, abaningi basale bemncoma.
Izingoma zikaL’vovo aduma ngazo nazo bazithakasele abebehambele umcimbi.
Ukufika kukaDoctor kudale isiminyaminya ngenxa yenjabulo abantu ababe nayo bembona.
Naye akazibekanga phansi njengoba ebavulele izandla abantu basoLundi wathatha izithombe nabo.
Umnikazi wendawo, uMntwana uNhlakanipho, ubonge kakhulu wonke umuntu okade ekhona kuhlanganise nabo osaziwayo.
Uthe uDoctor Khumalo ubaphe isipho sejezi lakhe ayeligqoka kwiBafana Bafana nathe balihenge kule ndawo ukuze bahlale bemkhumbula ngalo.
Uveze ukuthi kumphoxile kakhulu ukungafiki kukaMsizi Shembe noSentle Lehoko.