Lezi zinhlangano zikusho lokhu encwadini yezikhalo eziyibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa njengoba bezinombhikisho ePhalamende eKapa, nasezindlini zoMbuso ePitoli izolo.
Phakathi kwezinhlangano ebezimasha kubalwa kuzo iSouth African Arts and Culture Youth Forum, Trade Union for Musicians of South Africa, South African Women in Arts, Culture and Heritage, South African Maskandi Association nezinye njengoba zingu-19 sezizonke.
Ngesikhathi kunombhikisho kuN3, kwaboshwa abangu-32 abasahamba icala.
Ngaphandle kokuthi kuhoxiswe amacala, lezi zinhlangano zifuna ukuthi kukhokhelwe wonke amalungu azo acele ukunxeshezelwa wuhulumeni ngenxa yokuphazanyiswa yiCovid-19.
Zithe isinxephezelo sikaR20 000 esasikhokhwa kasanele ukubaphilisa izinyanga eziphakathi kwezintathu kuya kwezine, Njengoba abathola kuthiwa bangazifaki izicelo ezintsha, zithi kumele bavunyelwe ukufaka izicelo ezintsha.
Zifuna nabangaphezu kweminyaka engu-60 bavunyelwe ukufaka izicelo.
Lezi zinhlangano zifuna uhulumeni atshale imali enguR600 million kwezobuciko.
Zifuna futhi kuvulwe nezindawo zobuciko ukuthi zamukele abantu abangadluli ku-70% esibalweni esimumathwa yileyo ndawo.
Zithe zifuna ukuhlangana noRamaphosa ngaphambi kokuthi kuvulwe iPhalamende ngonyaka ozayo ukuze zizokhuluma ngokuthi kudlalwe * -90% womculo wakuleli emisakazweni yomphakathi no-70% kwezimele.