USOMIZI Mhlongo udalule ukuthi yamshiya edangele inkulumo ka-Unathi Nkayi lapho athi ababona abangani enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.
USomizi ubephawula izolo ohlelweni lwakhe kwiShowmax, iLiving the Dream with Somizi.
Kwamangala abaningi ngenkathi u-Unathi ethi akayena umngani kaSomizi. Wakusho lokhu ngesikhathi luba wundabamlonyeni udaba lukaSomizi lokuthi uhlukumeza uMohale, owayengumyeni wakhe.
Ohlelweni uSomizi ubexoxa noVusi Nova, lapho uVusi embuze khona ukuthi kwenzekani ebudlelwaneni bakhe nalo “wesifazane“ (Unathi).
USomizi uthe waphoxeka, wathuka futhi wamangala kodwa ngeke aze ashintshe.
“Kwesinye isikhathi uma abantu bekukhombisa ukuthi bangobani, kufanele ubashiye. Ungumuntu engangicabanga ukuthi sinobudlelwane obuhle naye futhi saze sasiza abantu ngobungani bethu. Ziningi izinto ezenzeka ngaloluya suku, uSathane wayengafuni ukungibona ngiphumelela. Lwalunzima ngoba kwenzeka izinto eziningi ngalo,“ kusho uSomizi.
USomizi uthe akafuni ukuphinde akhulume no-Unathi.
“Ngisho singahlangana, angifuni nokuthi aze angibheke. Uma kungathiwa siyaphinda sisebenza ndawonye ngeke ngize ngithi kubaphathi abakhethe oyedwa phakathi kwethu ngoba angifuni ukuphuca umuntu isinkwa sokondla umndeni wakhe nezingane zakhe. Engingakwenza nje ukuqinisekisa ukuthi akasondeli eduze kwami nami angisondeli kuye, ngingafuna angishayise ngomoya. Ngeke nje ngiphinde ngimkhulumise mina,” kuchaza uSomizi.
Ugcizelele ukuthi uma kuziwa ezintweni zomsebenzi uyosebenzisana naye kahle kodwa ngeke amxoxise.
U-Unathi ngemuva kwakho konke akusho wagcina engasamlandeli uSomizi ezinkundleni zokuxhumana.
U-Unathi noRandall Abrahams ngeke babe yingxenye yohlelo ama-Idols okulindeleke ukuthi luqale ngenyanga ezayo. Ohlelweni kulindeleke ukuthi uSomizi abambisane noThembi Seete noJR.