UMLINGISI womdlalo Isibaya, u-Abdul Khoza, osanda kuhlabana ngendondo yeBest Supporting Actor in a Drama kumaSafta, uveze ukuthi abaqondisi balo mdlalo babheke konke obekufunwa ababukeli bawo futhi yikhona okuzobonakala kwisizini entsha eqale ngoMsombuluko.
Lo mlingisi uveze ukuthi izoshuba kakhulu le sizini kunamanye asedlule.
Enkulumeni abe nayo neSolezwe, u-Abdul uveze ukuthi kube yintokozo ukuba yingxenye yalo mdlalo futhi nosekuholele ekutheni athole indondo ngokulingisa kuwo.
“Isizini entsha izoshubisa, izojabulisa abalandeli balo mdlalo njengoba ngesikhathi siqala ukuyishutha kwabhekwa ukuthi, yini efunwa ababukeli kulo mdlalo kwenziwa khona lokho. Le sizini entsha igcwele lokhu obekubonakala ngaleso sikhathi kodwa manje osekuzoba kuningi ukuze ababukeli bahlale bekujabulela ukubuka lo mdlalo,” kusho u-Abdul.
Uthe, kube yinjabulo kuye ukuqhubeka alingise kulo mdlalo nokuzothi kule sizini iphinde igqame kakhulu indawo kaQaphela.
“Kule sizini uQaphela indawo yakhe izogqama kakhulu njengoba ezozimela kukhona konke, uzobe engasabhekile kuyise kodwa esenzenzela izinto zakhe yedwa, azilwele nezimpi zakhe eyedwa,” kuchaza yena.
Uthe kuningi okuzojabulisa kwiSibaya nokuzogcina lo mdlalo usezingeni.
“Nami ngiyabonga kubona bonke abantu abangivotelile ukuthola le ndondo, ngeke ngimshiye ngaphandle ubaba wami naye osebenze kakhulu njengoba umkhalambazo lo ongakhele igama kulo mdlalo ngawufundiswa uyena,” kuchaza yena.
Uthe ngaphandle kokugxila ekulingiseni nasemculweni ukhona njengoba kukhona akuphekayo nokuzophuma maduzane.
Emkhakheni wokulingisa * -Abdul uthe ufunde ukuzinikela entweni ayenzayo nokuzimisela nokukhulisa ithalenye lomlingisi ngamunte aphinde aziwe.