KUZOSHUBA emdlalweni Imbewu njengoba maduzane konke kuzohlala obala ngemfihlo ekhona emndenini waKwaBhengu.
Kulo mndeni osaphila ngomkhuba wasendulo, kwenzeka into okwadinga ukuthi amalungu awo abe nemfihlo.
Le mfihlo sekuseduzane ukuthi ihlale obala njengoba omunye oyilungu lomndeni ezizwa ephoxekile.
NgoLwesithathu oluzayo, ababukeli balo mdlalo bazobona izelamani zabafana oyedwa wabo ozothola ngemfihlo akade efihlelwe yona nokungenzeka ishiye ubuhlungu kuye njengoba ebenethemba lokuthi unezingane ezine abenethemba lokushiya kuzo ingcebo yakhe ngelinye ilanga.
“Ungakulungiselela kanjani ukuvela kwemfihlo yakho? Ukusebenza nabalingisi abasezingeni kulo mdlalo futhi abenza konke ukuthi umdlalo uhehe yikhona esasikufuna. Okwesibili sisebenze kanzima ukuthi sikhombise izithombe ezimangalisayo uma sekuxoxwa ngokuvela kwale mfihlo,” kusho umqondisi walo mdlalo uMengameli Nhlabathi .
Uthe kuzophenduka mamatafula uma uKaMadonsela (Fundiswa Zwane), esefuna iqiniso kwamanye amalungu aKwaBhengu.
Uthe ababukeli abalindele into yamehlo. Imbewu ikhonjiswa ku-e.tv njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-194 naku-Openview Channel 104.