KUWUHAMBELA kahle umndeni wakwaMseleku, njengoba amalungu omndeni wakhona elokhu evulekelwa amathuba okubonakala ezinhlelweni ezihlukene zethelevishini.
Muva nje kuvele izindaba zokuthi uMaKhumalo ungomunye wamakhosikazi azobonakala ohlelweni iThe Real Housewives of Durban.
NgoLwesihlanu, iSABC 1 imemezele ukuthi onke amakhosikazi kaMseleku, azobonakala ohlelweni olusha kulesi siteshi oluzoqala ngenyanga ezayo oluthi Igumbi Lamakhosikazi.
Kulolu hlelo kuzobonakala uMaCele, uMaYeni, uMaKhumalo noMaNgwabe bekhuluma ngezihloko ezihlukene ezithinta imindeni.
Lolu hlelo luzoqala ngoFebhuwari 7, ngo9.00, ebusuku.
UCaroline Phalakatshela wakwaSABC uveze ukuthi Igumbi Lamakhosikazi lizoba uhlelo oluneziqephu ezingu13, lubheka izihloko ezihlukene ezithinta abantu besifazane namadoda.
“Uhlelo oluzobheka ukuphepha komuntu wesifazane nowesilisa kulo mhlaba esiphila kuwona. Ziningi izinkinga abantu besifazane nabesilisa ababhekana nazo, ngakho lolu hlelo oluzobe lushayelwa ilaba besifazane luhlose kakhulu ukufundisa, lunike ulwazi futhi bazoba nezingxoxo ezizobe zibheka izinto ezibucayi futhi kulezo zinkulumo akukho okuzobe kufihliwe luzobe luvulelekile kukhona konke abazobe bekusho kungakho lungena ebusuku izingane sezilele, ukuze abantu izinkinga zabo bazixazulule kahle futhi kungafihlwa lutho,” kusho uCaroline.
Uthe kuwona womane amakhosikazi kaMseleku bazoletha izihloko ezihlukene nezizobhekwa ohlelweni, nababona ukuthi zithinta bona ngqo.
“Womane la makhosikazi anabalandeli bawo ngokwehlukana, futhi anamakhasi awo ezinkundleni zokuxhumana. Futhi ezinkundleni zokuxhumana kula ebuzwa khona imibuzo ehlukene ngabesifazane namadoda afuna usizo kubona ngezinto ezihlukene. Laba balandeli babo basuke belindele ukuba babanike izixazululo ezinkingeni abanazo, kula ke lolu hlelo luzaleke khona,” kuchaza yena.
Uthe amakhosikazi akwaMseleku aveze ukuthi ukuba semehlweni abantu baphinde futhi balwe nezinkinga zabo, ezinkundleni zokuxhumana bakubone lokho kungenele kungakho bekhethe ukwenza uhlelo olufana nalolu.