KUSOLWA ukuthi ubanjwe wukhwantalala umakadebona wezokusakaza, u-Alex Mthiyane, ongeniswe esibhedlela ngoMgqibelo kubikwa ukuthi uphuze amaphilisi weqisa.
U-Alex, oseneminyaka eyibambile kwezokusakaza, ungumethuli wohlelo lwezindaba, Indaba, kwiGagasi FM ngo-6 ntambama ngoLwesibili kuya kuLwesithathu.
Kuthiwa ungeniswe esibhedlela esizimele eThekwini isimo sisibi.
“Ungeniswe kuthangi (ngoLwesihlanu) ebusuku wayiswa egunjini labagula kakhulu futhi waxhunywa imishini ngoba ubenenkinga yokuphefumula. Kusolwa ukuthi weqisile emaphilisini ama-antidepressants,” kusho umthombo weSolezwe izolo emini.
Umthombo, ocele ukungavezwe igama lawo, uqhube wathi useyalulama ngoba usekhishiwe emshinini futhi useyakhuluma.
“Usephapheme ngoba bamnikeze okokumvusa noma umbona ukuthi unamahloni. Uzokhumbula ukuthi wake wangeniswa esibhedlela eMhlanga kudala enokhwantalala. Kusho ukuthi kusaqhubeka khona. Ikhona yena inkinga anayo futhi ukhwantalala luyingozi kakhulu,” kuqhuba umthombo.
Imizamo yokumthola nokho ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga. Nolomkakhe uBuyi belungabanjwa.
Ngo-2015 Isolezwe lake labika ukuthi lo msakazi walaliswa esibhedlela saseMhlanga amasonto amathathu ngenxa yokhwantalala.
Kwavela ukuthi ukhwantalala lwakhe lwaludalwa yingcindezi yasemsebenzini. Ekhuluma naleli phephandaba elulamela ekhaya wakuqinisekisa ukugula kwakhe kodwa wathi usengcono.