UYAQHUBEKA umsindo ngengoma eculwa uVusi Nova eshisa izikhotha kulezi zinsuku ebizwa ngokuthi, Asiphelelanga.
Le ngoma ethandwe iningi uVusi ukhumbula ngayo abaculi bakuleli asebadlula emhlabeni.
Muva nje kube nomsindo umculi kamaskandi uCelazimnike Mtshali, ethi ingoma eyakhe.
NgoLwesibili iqembu lebhola iChippa United lithe le ngoma elayo yabhalwa abalandeli bayo.
Izazi zomculo ezisebenza ezinkampanini ezinkulu ezibhekelele amaciko zithe uma ingoma yaqhamuka emphakathini yaculwa emingcwabeni nasemishadweni noma yimuphi umculi unelungelo lokuyicula ngendlela athanda ngayo.
U-Advocate Nkateko Maluleka waThe South African Music Rights Organisation uthe sebeqale uphenyo ngale ngoma abanethemba lokuthi kuyothi kuphela isonto babe sebeluphothulile. “Udaba lolu esiqale ukulubheka ngemuva kokuthi kuphume udaba kwelinye lamaphephandaba esiNgisi aphuma nsuku zonke. Sobheka ukuthi le ngoma ubani owayibhala. Uma kuwukuthi ingoma eyayikhona emphakathini wonke umculi useqhamuka nendlela yakhe yokuyicula, lokho ngeke kuze kusenze sithathe isinqumo ngayo njengoba kungekho umuntu oqhamukayo othi yabhalwa uyena,” kuchaza uMaluleka.
UVusi Leeuw naye osesebenze kakhulu endimeni yomculo, uthe kulolu daba kumele kuqhamuke umuntu othi le ngoma yabhalwa nguyena bese eba nobufakazi obubhalwe phansi.
“Noma kungaqhamuka umuntu othi yabhalwa umalume wakhe uma enobufakazi, konke kunganikwa yena. Kodwa njengoba kuphinde kuvele ukuthi ingoma ekade icula ezindaweni ezihlukene noma ubani angayithatha enze akuthandayo ngayo bese eyayibhalisa le yakhe entsha,” kuchaza lo ngoti.
NoNhlanhla Sibisi wakwaRecording Industry of SA, uthe kumele kuphenywe umsuka wengoma ukuthi ukuphi.
“Ziningi izingoma ezithathwa abaculi okwakukade ziculwa emphakathini. Uma leyo ngoma kungazeki ukuthi isukaphi lowo mculi osuke eseyenze yahluka eyakhe kumele ayibhalise ukuze ivikeleke. Kulolu daba kusenendida njengoba sekuqhamuke abantu abangaka kodwa siyathemba ukuthi isixazuluko sizoba khona,” kuchaza yena.
UNova ngemuva kwalezi zinkulumo uthe
usamile ekutheni le ngoma yena wayazi eseyingane bonke laba abaqhamuka sebethi eyabo lokho kuyamthusa.