ULINDA Mtoba igama lakhe elivelile kwabangase bagawulwe yizembe kwiSibaya

KUSHUBILE kwiSibaya kuMzansi Magic njengoba bebaningi abalingisi okuthiwa bayachithwa ezingavuselelwanga izinkontileka zabo kulo nyaka.

Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi izinkontileka zabalingisi beSibaya zivuselelwa ngoFebhuwari minyaka yonke njengoba kusuke kuqala isizini entsha kwiSibaya.

Kulokhu kuthiwa izembe ligawule laphindelela kubalingisi.

Phakathi kwabahambayo kukhona igama likaLinda Mtoba odlala indawo kaZama Ngwenya, elikaFlorence Mokgatsi odlala ekaLerato Kgokong nelikaCeleste Ntuli odlala indawo kaSiphokazi.

Umndeni wakwaNgwenya kuthiwa uzohlakazwa, okwenza ikusasa labalingisa lomndeni libe mfiliba.

“Wonke umuntu ubambe umoya ngoba bambalwa abalingisi asebenesiqiniseko sokuthi bayahamba kulo mdlalo,” kusho umthombo.

Umthombo uveze ukuthi uFlorence uzithwele kodwa uyazama ukufihla isisu, usesifihla ngokuthi agqoke izingubo ezinkulu kunaye uma elingisa kodwa akusasizi ngoba sesiyabonakala isisu.

Okhulumela uMzansi Magic, uBongi Metsing, akafunanga ukuphumela obala ngalaba balingisi okuthiwa bayahamba.

“Isibaya siyi-soapie njengoba singakalelwe sikhathi ukuthi sigcina nini. Ukusihlukanisa ngamasizini kusuke kwenziwa yithina ukuze sibone ukuthi sesikuphi naso. Abalingisi okhuluma ngabo ngeke ngikuqinisekise ukuthi bayahamba noma cha.

“Iqhaza labo emdlalweni lizoncika ekutheni izindawo abazilingisayo zibhalwe kanjani. Abantu abalinde bazobona ukuthi kuzokwenzekani njengoba umdlalo usuke ushintsha indlela obhalwe ngayo uma kunguJanuwari,” kusho uBongi.

UCeleste uthe usekhona kwiSibaya futhi akukho asakukhulume nabaphathi beSibaya ngenkontileka yakhe.

UFlorence akatholakalanga ukuphawula. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.