UZOKWETHULWA ngokusemthethweni ngo-Septhemba 8, eMnambithi umcimbi wokuqala wezindondo wokuklomelisa amaqembu esicathamiya akuleli osungulwe yiLadysmith Black Mambazo.
Ngalo mcimbi, ozokwaziwa ngoCothoza Music Awards, kuhloswe ukuhlonipha bonke abaculi namaqembu aqambe izingoma esebenzisa amaphimbo awo angahambisani nezinsimbi.
Lokhu kushiwo yindodana kaJoseph Shabalala, uSibongiseni njengoba lo mcimbi ususeMome.
USibongiseni uthe, kwakuyiphupho likayise, uJoseph Shabalala, ukuthi kube nomcimbi ofana nalona.
“Lo mcimbi uzohlonipha wonke umculi kuleli ocula ngephimbo lakhe kungasetshenziswa izinsimbi. Amaqembu afana nawokholo okukhona kuwo Abanqobi, Ithemba, Ithimba le-Afrika, The Soil, Thee Legacy namanye, azoba nemikhakha la engenela khona njengoba nawo sazi ukuthi acula lolu hlobo lomculo,” kusho uSibongiseni.
Uthe injongo yokuwusungula wukuthuthukisa umculo wesicathamiya.
“Ujabule kakhulu ubaba ukuthi ekugcineni lo mcimbi usuze waba yimpumelelo. NgeSonto besimenzele umcimbi wosuku lwakhe lokuzalwa yize ekade ezalwa ngoLwesibili (izolo), sesibungaza nawo lo mcimbi. Umndeni ubukhona wonke uzohalalisela ubaba ekufezekeni kwephupho lakhe,” kuchaza uSibongiseni.
Uthe umcimbi omkhulu wokuklomelisa abazobe bewungenele uyoba ngoDisemba khona futhi eMnambithi.
“Okwamanje usuku belungakaphumi kodwa asingabazi ukuthi lo mcimbi uzoba ngale nyanga esibekiwe njengoba konke sekumi ngomumo ngawo,” kuchaza uSibongiseni.
UXolani Majozi oyimenenja yaleli qembu, ekhuluma kwelinye lamaphephandaba uthe ukujaja ngalo mcimbi sekuqalile njengoba amajaji aqokiwe eseqalile ukuhambela imicimbi yesicathamiya ehlukene.
Uphinde waveza nokuthi kulo mcimbi kuzohlonishwa uSolomon Mahlangu osadlula emhlabeni owabhala ingoma eculwa yileli qembu ethi Imbube.