INKAKHA yomlingisi, uLinda Sokhulu, ikhuza ibuya emdlalweni we-e.tv iRhythm City, odlala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-7 ebusuku.
ULinda kuthiwa uzovusa umlingiswa wakhe uZiyanda owayeyisangoma sikaDavid Genaro (Jamie Bartlett) eminyakeni engu-10 edlule.
Kulokhu kuthiwa uzobuya esengusomabhizinisi osatshwayo, ozodlisa ngamapayipi izinjinga zalo mdlalo uSuffocate (Mduduzi Mabaso) noDavid.
Uzoqala ukubonakala kulo mdlalo emasontweni amabili azayo ngo-Ephreli 16.
ULinda wazakhela igama edlala indawo kaCleo Khuzwayo kwiGenerations kanti muva nje ubedlala indawo kaNikiwe Sibeko emdlaweni weSABC 3, Isidingo.
Echaza ngendawo azoyidlala uLinda uthe uSuffocate noDavid kumele babe novalo ngoba usazobathwalisa kanzima impela.
Uthe ubonga abalo mdlalo ngokumnikeza leli thuba lokulingisa indawo kaZiyanda.
Uveze ukuthi yize esemnkantshubomvu kulo mkhakha wokulingisa kodwa akubanga lula ukulingisa indawo kaZiyanda.
“Ngikubheke ngabomvu ukulingisa indawo kaZiyanda. Ungowesifazane onamandla, omuhle nothanda ukuba ngumholi. Uyayazi into ayifunayo kanti akesabi ukukhuluma into esemqondweni wakhe,” kusho uLinda.
Okhulumela i-e.tv, uMatodzi Mashau, uthe bakujabulele ukubuya kwalo mlingisi onamava kulo mdlalo.
Uthe ungumlingisi ohlonishwayo ngakho abangabazi ukuthi uzolikhuphula izinga lomdlalo.
UMatodzi uthe uLinda wavela kancane kulo mdlalo edlala indawo yesangoma eminyakeni engu-10 edlule.
Uthe usezoba ngomunye wabalingisi abaqavile balo mdlalo njengoba ezodlala indawo yowesifazane okwaziyo ukusebenzisa ubuhle bakhe ukuthola into ayifunayo.
Emdlalweni uthe amadoda azofisa ukuhlezi eseduze kwakhe kanti abesifazane bona bazofisa ukufana naye.
“Uzosondelana noSuffocate amdobe ukuze angene ebhizinisini elikhulu ukuze abe namandla amakhulu. Uzoba ngumngani wakhe ongamsabi okhuluma noma yikanjani naye,” kusho uMatodzi.
Uthe uZiyanda usazothwalisa kanzima noPuleng (Tebogo Khalo), ozogcina esenesikhwele ngobudlelwane bakhe noSuffocate.