IZIPHATHIMANDLA zesiteshi sethelevishini i-1KZN TV (DStv channel 261) zisemkhankasweni wokulungisa isimo semali esingesihle kulesi siteshi.
Lokhu kuvezwe ngu-Elize Viljoen ongumdidiyeli omkhulu kulesi siteshi esizinze eRichards Bay.
“Kukhona ikomiti labaphathi elihlalayo njalo. Sihlanganile sakhuluma ngezinkinga nokuthi singazilungisa kanjani. Sisebenza sonke ukuthi sidlule kulesi sikhathi esinzima esibhekene naso ngemali,” kusho u-Elize.
Ubekhuluma naleli phephandaba ngemuva kokuhosha kwalo ukuthi usetulweni lokuketula ibhodi ekhona.
Leli phephandaba lithunyelwe amaminithi omhlangano ophuthumayo, okuthiwa ubungo-Agasti 1 lapho kuqokwe ikomiti lesikhashana, u-Elize aqokwe waba ngunobhala walo. Amanye amalungu ekomiti okunguNomfundo Vete usihlalo, Philani Cebekhulu, Mbali Makwakwa noThandeka Mbili.
Kuvela ukuthi kulo mhlangano kuvunyelwane ngokuthi ibhodi lishaywe ngevoti lokungathenjwa.
Umthombo ophinde ube umsebenzi, utshele Isolezwe ukuthi ikomiti lesikhashana lifuna ukuketula ibhodi.
“Bafuna ukuketula ibhodi bese kuba yibo abaphathayo. Bahleba abanye babaphathi kubasebenzi, okwenza abanye abasebenzi babe nokudideka. Bazixaka ngalokhu nje nomsebenzi wabo abawenzi ngendlela okuyiyo, engabe bagxile kuwo,” kusho umthombo othi lesi simo sishiya abasebenzi bekhungathekile.
“Ayikho inkulumo yokuketula ibhodi,” kusho u-Elize.
Uthe abakuzamayo ukulungisa izinkinga zezimali ababhekene nazo. “Isiteshi ngesomphakathi futhi kubalulekile ukuthi sihlale sisemoyeni. Ubudlelwano bethu nebhodi buhle kakhulu futhi liyakuqonda esikwenzayo.”
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola usihlalo webhodi uThemba Fakazi.
Ilungu lebhodi, uMuzi Ngema likuchithile ukuthi kukhona abafuna ukubaketula.
“Isimo ngisilungisile ngoba bekukhona ukusolana ngokuthi ubani ongawenzi umsebenzi ngendlela,” kuchaza uMuzi.