SEKUSUKE isidididi amasoka amabili ebanga umsakazi woKhozi FM, uZimiphi Biyela, odume ngelikaZimdollar.
Kuvele ukuthi uZimdollar uselotsholwe ngusomabhizinisi waseMzimkhulu uSbongeleni “Mfishimfishi” Dlamini kanti kunomunye usomabhizinisi waseThekwini uMzwandile Zondi, othi naye uthandana nalo msakazi.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, lo msakazi usethandane noZondi wodumo lweSiyajabula Driving School iminyaka eyisikhombisa futhi kunezinhlelo zokuthi azishaye zonke izinkomo bese beshada. Ngakolunye uhlangothi kuthiwa uselotsholwe nguDlamini wodumo lweDlems Lifestyle, ophinde abe ngumhleli wemicimbi kamaskandi.
UZimdollar kuthiwa usenonyaka ethandana noDlamini.
Kuthiwa njengoba eselobole waqeda uDlamini, sekusele usuku lomshado.
USOMABHIZINISI uMnuz Mzwandile Zondi okuthiwa umiswe wumndeni kaZimdollar ukuthi aqhubeke nokumlobola
Umthombo waleli phephandaba ongashayi eceleni uveze ukuthi abasabhekani uDlamini noZondi njengoba bebanga uZimdollar.
Uveze ukuthi kuke kwaba nesigameko lapho uZondi ecishe washayisa ngemoto uZimdollar ehamba noDlamini beyongena kwelinye ihhotela eThekwini.
Emuva kwalesi sigameko kusuke esinamathambo phakathi kukaZondi noZimdollar.
UZondi kuthiwa ukhale ngokuthi uZimdollar usengaze ambhangqe nesangoma esinguDlamini. Noma engesona isangoma uDlamini kodwa kuthiwa lokhu wayekusho ngoba (uDlamini) uhlale efake iziphandla eziningi.
“UDlamini ulobole le ntokazi ezinyangeni ezimbili ezedlule. Usenonyaka ethandana noZimdollar. Sekusele usuku lomshado olungakanqunywa. UZimdollar useyingoduso yakwaDlamini futhi lokho kwaziwa ngisho womakhelwane bakwaDlamini. Useke wafika ngisho khona kwaDlamini wakotiza, usethelwe nangenyongo yakhona,” kusho umthombo.
Ethintwa uDlamini, uvumile ukuthi usemlobole uZimdollar.
“Ngeke ngande ngamaningi kodwa ngingasho kugcwale nje ukuthi uMaBiyela useyingoduso yakwaDlamini,” kusho uDlamini.
Maqondana nodaba lukaZondi, uDlamini uthe usemkhiphile loyo.
UZondi uthe uZimdollar useyintombi yakhe.
Omunye umthombo uveze ukuthi uDlamini uzishaya isifuba uthi usemkhiphile uZondi kuZimdollar. Lezi zinkulumo kuthiwa ziyamthukuthelisa uZondi njengoba iSolezwe ngoMgqibelo like labika ezinyangeni ezedlule ukuthi uZimdollar uzoba ngunkosikazi wesibili kaZondi.
“Inkinga ukuthi uZondi wamiswa wumndeni kaZimdollar ukuthi alobole kodwa kuyaziwa ukuthi bayathandana. Okudale ukuthi uZondi amiswe wukuthi uZimdollar ubeshadile kanti ngokosiko lwakaShembe, umuntu wesifazane akalotsholwa kabili ebe esekhona abeshade naye. Bekusenohlelo okuzokwenziwa ngalo ukuze uZondi akwazi ukulobola uZimdollar kanti uDlamini uzomhlithwa esahlela uZondi,” kusho umthombo.
USOMABHIZINISI uMnuz Sbongeleni “Mfishimfishi” Dlamini othi usemlobolile uZimdollar sekusele usuku lomshado Isithombe: FACEBOOK / MFISHIMFISHI DLAMINI
UZondi uthe: “Mina ngazi ukuthi yonke into isahamba kahle phakathi kwami noMaBiyela futhi siyaxhumana. Kuyangithusa lokhu okushoyo kodwa ngicela ukuthi uthinte yena uMaBiyela ngalolu daba,” kusho uZondi.
UZimdollar ubengalubambi ucingo, wathunyelelwa umqhafazo ebuzwa ngalabo somabhizinisi.
Uphendule kafushane ngomqhafazo wathi: “Okusho ukuthi kunabantu nje abangifisela inhlanhla yomendo.”