Uyaqhubeka umsindo mayelana nokudedelwa komsakazi uRobert Marawa yiSABC njengoba inhlangano eyengamele ibhola iSouth African Football Association (Safa) ithi izoxhumana neSABC izwakalise ukungenami kwayo.
UMarawa ugcine emsebenzini ngoLwesine lapho ebethula khona uhlelo iMarawa Sports Worldwide kwiRadio 2000 nakwiMetro FM ngo-7 ebusuku phakathi nesonto kanye kanye.
Isimemezelo senziwe ngoLwesihlanu nokuyinto eshaqise abantu abaningi.
Ekhuluma ohlelweni iPower To Truth noJJ Tabane kwi-eNCA ngoMsombuluko ebusuku, uMarawa uthe watshelwa ezinyangeni ezintathu ezedlule ukuthi inkontileka yakhe neSABC yeminyaka emithathu ngeke ivuselelwe.
Umphathi wemisakazo yeSABC, uNada Wotshela, uthe bebengeke besakwazi ukukhokhela uMarawa umholo wakhe. Uthe emhlanganweni wawuvula umnyango wokuthi uma kukhona isiteshi esimfunayo singabheka emalini yaso bese sixoxa naye ngisho ngabe yikuthelevishini.
ISafa ithe ukuhamba kukaMarawa kuzophazamisa ukuthuthukiswa kwebhola nokuqhakanjiswa kwalo.
Ithe ubegila izimanga ekuhlaziyeni, ekuvezeni imibono futhi ebamba iqhaza ezinkulumeni-mpikiswano ngebhola e-Afrika nasemhlabeni jikelele.
Ithe imibono ehlukene ebiqhamuka ohlelweni lwakhe ibisiza ekuthuthukiseni ibhola kuleli.
"Kuyishwa ukuthi ngesikhathi sijabulela ilungelo lokukhuluma nokuhluka ngemibono kodwa izinhlangano zokusakaza ezinkulu kuleli iSuperSport neSABC zikubona kuyinto engabekezeleleki kuzo," kusho iSafa.
Ithe izinhlangano zokusakaza kumele zikubekezelele ukuhluka kwemibono futhi izoya ukuyokhuluma neSABC ngalokhu.
I-SABC ithe isenzo seSafa isibona njengokugxambukela emsebenzini wayo. Igcizelele ukuthi inkontileka kaMarawa iphelile futhi watshelwa ngokuthi ngeke ize ivuselelwe.
"I-SABC iyakuchitha okushiwo yiSafa ukuthi ukungavuselelwa kwenkontileka kaRobert Marawa kuhlangene nemizamo yokumnqinda ukuthi aveze imibono yakhe. Lokhu kuphawula kweSafa akunasisekelo. Kuyaphoxa ukuthi inhlangano emele ibhola eNingizimu Afrika ivumele ukuba yingxenye yamanga ngalolu daba," kusho iSABC.